UKUBHEDUKA kwegciwane iCovid-19 nokuvalwa kwezwe ngenhloso yokunqanda ukusabalala kwalo, kubuye kwahambisana nenkinga yokwenyuka kwentengo yezinto eziningi.
Intengo yezinto ezibalulekile njengokudla nokunye okudingekayo empilweni yomuntu, kwenyuke ngendlela ethusayo ekhomba ukuxhashazwa kwabathengi.
I-Competition Commision okuyikhomishini ebhekelela ukuncintisana isithole izikhalo ezingu-1 500 zokwenyuswa kwentengo ezivela kubathengi.
Ukwenyuswa kwentengo kuwumkhuba ogilwa uqondansiwe nesimo senhlekelele. Lokhu kusho ukuthi intengo izokwenyuka kakhulu kunalokhu okwejwayelekile futhi ayikho incazelo enikezwayo ngalokho.
Ezinye izinkampani zenyusa kakhulu intengo ngoba zazi ukuthi yizo ezikhonyayo kuleyo ndawo ezikuyo, izimbangi azikwazi ukuqhamuka namanani aphansi kunazo.
Lokhu kuwukuxhaphaza nokuwahlinzela ezibini amakhasimende ngoba kuyaziwa ukuthi izimpahla zokuzivikela nokudla ziyadingeka kakhulu ngalesi sikhathi.
Njengoba kuvalwe izwe kuyisikhathi senhlekelele, imiholo yabantu abaningi ithintekile kakhulu kwaphazamiseka nempilo yabo.
Kubalulekile ukuthi amalungelo abathengi avikelwe kakhulu ngakho konke okusemandleni.
Ukwenyuswa kwentengo kuyinto ehambisana nokuxhashazwa kwabathengi ngoba abadayisi bazi kahle ukuthi kunezimpahla ezizobe zidingeka kakhulu ngalesi sikhathi senhlekelele.
Bakwenze lokhu ngeqholo lokuthi abathengi bazobe bengakwazi ukuhamba ngendlela abayithandayo bayobheka kwezinye izindawo abangathenga kuzo.
Kukhona nokwenyusa intengo kuqondaniswe nesimo senhlekelele kodwa kulokhu abadayisi bavika ngokuthi intengo yenyukile lapho bethenga khona izimpahla zokudayisa.
Lokhu kumpintshela ekhoneni umthengi ngoba usuke edinga izimpahla ezibalulekile zokuzivikela esifweni esibhedukile.
NgoDisemba 2019 uhulumeni waseChina umemezele ukuthi kubheduke iCovid-19 wayichaza njengento ezokhathaza cishe umhlaba wonke.
Lokhu kwachaza ukuthi yisimo esidinga ukubambisana kwamazwe omhlaba wonke. Lenyuke kakhulu izinga lesidingo sezimpahla zokuzivikela kuleli nasemazweni omhlaba, njengenxenye yokwenza izaba zokunqanda isifo.
NgoMashi 5, 2020, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, wamemezele isimo senhlekelele ezweni.
Wenza lokhu eqondanisa nokubheduka kweCorona edla fumuka idle silaza kuleli nasemhlabeni wonke futhi idala itwetwe kwabaningi.
UNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni uMnuz Ebrahim Patel, ukhiphe umqingo onemithetho yokuvikela abathengi emankentshaneni azofuna ukubaqhobozela njengoba isimo sisibi.
‘’Ngokomthetho wezokuncintisana, inkampani eyisikhondlakhondla ayivumelekile ukwenyusa intengo ngendlela ezohlinzela ezibini abathengi ngesikhathi senhlekelele ikakhulukazi ezimpahleni ezimqoka. Akuvumelekile ukwenyusa intengo ngendlela engahambisani nemithetho ebekiwe. Lokhu kubekelwe ngaphansi komyalelo wokuthi kungenzeki ezinyangeni ezintathu ngaphambi kukaMashi 1 2020,” kusho uPatel.
NgoMashi 23, 2020, uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuvalwa kwezwe okwakuzoqala ngoMashi 26.
Ukuvalwa kwezwe manje sekufinyelele ezinsukwini ezingu-60. Ngenxa yesimo esiphuthumayo, nokwenyuka kwentengo konke kuphoqe ukuthi abezokuncintisana bachibiyele imithetho ukuze babhekane nokwenyuka kwentengo. Lokhu bakwenze ngenhloso yokuvimba abanyusa intengo nokunqanda ingwadla yokushoda kokudla nempahla emqoka.
ICompetition Triburnal ishintshe imithetho ukuze kuqinisekiswe ukuthi izikhalo ziyasombululwa ngokushesha ukuze kuvikelwe abathengi.
Kwezinye izikhathi kuzokwenzeka ezinye izikhalo zingasombululeki ngendlela enobulungiswa ngoba ogalakajana bayobe sebephunyukile.
Lokhu kuyobe kubenzela phansi abathengi njengoba bethwele kanzima bengakwazi nokuhamba bakhululeke bayozizamela amasentshana. Kusobala ukuthi uma izinkampani zinyusa amanani kuzoshayeka abathengi kakhulu.
Ukwenyuka kwentengo kukhahlameza abathengi kushiye abadayisi begiya ngoba bazosala nemali zibe zinganyukanga izindleko zabo zokusebenza.
Selokhu kuqale ukuvalwa kwezwe phakathi noMashi, sezifike ku-20 izinkampani ezifinyelele esivumelwaneni nekhomishini evikela abathengi.
Ezintathu zazo zihlawule u-R12.5 million zihlangene, zabekelwa nomgomo wokuthi ziphose u-R5.3 million esikhwameni iSolidarity Fund ebhekele iCovid-19, iphinde inikele ngezimpahla ezimqoka kwabaswele bese ikhokhela abagilwa abafake izikhalo.
Kusalindwe isinqumo odabeni lwekhemisi iDischem Phamarcies Limited, isinqumo singaphuma noma nini.
Ikhomshini yabathengi ibeke amaphuzu aqavile aveza ukuxhashazwa kwabathengi nomthelela wakho.
UNgwema unguMphathi wezokuXhumana
kwiCompetition Commission