Imibono

Kuse kude phambili kwezenhlalo yabamnyama ezweni:usolwazi

Mpume Nzimande|Published

INCWADI: Apartheid remains

UMBHALI: Sharad Chari

ABASHICILELI:UKZN Press

UMLOBI ubheka emuva lapho sisuka khona nombuso wobandlululo kepha ugxile emalokishini angaseningizimu yeTheku. Ucubungulisisa inhlalo nempilo yabantu ngokungalingani. Uthinta izinkampani ezisolwa ngokunezezela ekutheni kube nokugcola komoya kulezi zindawo.

USharad Chari, umbhali wencwad ethi Apartheid remains, uzinike isikhathi seminyaka embalwa ecubungula inhlalo yabantu abaseWentworth, naseMerebank.

Umbhali akalona ivuka, unguSolwazi okumanje usebenzela eNyuvesi iCalifornia, uchithe isikhathi exoxa nezinhlangano ezahlukene ezilwela amalungelo abantu, nezikhungo zaseThekwini ezibhekele inhlalakahle yabantu. Phakathi kwezinselelo ezisabhekene nemiphakathi ehlala kulezi zindawo wukugcola komoya okusolwa ukuthi kuholela ekutheni kugule abantu.

Phakathi kwezinkampani ezisolwayo kubalwa iSapref, Mondi paper nezinye.

Ngokocwaningo olwehlukene olwenziwe nguSolwazi Chari, kuse kude phambili ekutheni abantu bakuleli bahlale ngokulingana.