MHLELI: Incwadi iQuran iqukethe iziyalo nezimfundiso ezinhle abantu bendabuko abangazuza kakhulu ngokusebenzisa imiyalo yayo. Yebo, sinalo iBhayibheli eliNgcwele elinemithetho kaMose nezimfundiso zeNkosi uJesu. Kepha lokhu akungasivimbi ukuthi sicaphune nakweminye imibhalo yabantu abazibiza ngokuthi bayakholwa.
I-Quran yaziwa njengeyebandla lamaMuslim kepha okusempeleni le ncwadi inezimfundiso ezibhekiswe esintwini sonke jikelele. Akuyona incwadi ebhekiswe ohlangeni noma kubantu abathile kuphela. Uma ubheka abohlanga lwamaNdiya abangamaSulumane, bangabantu abaphumelele kakhulu kwezamabhizinisi, ezemfundo nasezingxenyeni eziningi zokuphila. Lokhu kubenza babe ngabantu abanokuhlonipheka. Abenzi ngamilingo kepha balandela izimfundiso neziyalo zika-Somandla ezitholakala kwiQuran.
Ukuphila kwethu singabantu bomdabu kunobuthakathaka obuningi. Ubufakazi balokhu bubonakala ngokusalela emuva kwethu ezingxenyeni eziningi zokuphila uma usiqhathanisa nabantu bezinye izinhlanga. Asithuthukise amasiko nokuphila kwethu ngokucaphuna kule ncwadi, kuningi esingakuzuza.
Umbhalo weQuran uyisisefo nesivivinyo esihle esivela kuSomandla ukuhlola amasiko, imikhuba nokuziphatha kwethu jikelele singabantu. Ukubheka ukuthi amasiko nemikhuba yenu akungqubuzani yini nemithetho nemiyalo kaMvelinqangi.
Thamsanqa Zama
EMLAZA