MHLELI: Ngithuke koma nasozwaneni ngibona omunye umhleli welinye lamaphephandaba adumile esiZulu ekhombisa ukujabula ezinkundleni zokuxhumana ngokwehla kwesibalo sabavotele i-ANC KwaZulu-Natal.
Into engithuse kakhulu ukuthi alimise ngembaba elokuthi i-ANC iyalunga ngoba yenqaba ukuxhasa iphephandaba lakhe ngemali. Bengingazi ukuthi kanti amaphephandaba axhaswe ngosopolitiki?
Into engithusile ukuthi lingathembeka kanjani iphephandaba elithola uxhaso eqenjini elithize lezepolitiki? Ngokwazi kwami, amaphephandaba nabezindaba kumele bazimele, akumele bacheme namaqembu ezepolitiki.
Ngibona singaphephile njengesizwe ukuthi singaluthola kanjani usizo ephephandabeni elichemile. Ngibona singaphephile thina njengababhali ngoba sibhala imibono yethu ngethemba lokuthi iphephandaba ngeke liputshuzele imininingwane yethu osopolitiki esisuke sibagxeka ngenxa yokwenza izinto eziphambene nabavoti.
Uma iphephandaba liveza ukukhathazeka kwalo ngokungalutholi uxhaso enhlanganweni ethize yezepolitiki, lokho kwenza ukuthi silahlekelwe yithemba futhi sizibone singaphephile, nokuthi singadayiseka kosopolitiki.
Siyazi esikhathini esedlule kukhona amaphephandaba ayehluzwa ngosopolitiki ngaphambi kokuba ashicilelwe. Bengithi lo mkhuba usaphela kodwa lo mhleli ungithusile. Ngiyajabula ukusho ukuthi akusiye oweSolezwe kodwa ngelinye lamaphephandaba engingeke ngilidalule.
Mtshetshe Mkhize
NEWLANDS WEST