Imibono

Kungcono ningayi emingcwabeni uma niphuzile

Published

Isithombe: Sithunyelwe

MHLELI: Siphila esikhathini lapho sibona izigemegeme zonke izinsuku. Kuyacaca ukuthi sazalwa nabanye futhi sikhula nabanye. Abantu abasha abaphila namhlanje abalazi ihlazo, elinye libenza bedlule baze benze okungenziwa, endaweni engafanele.

Ngigxeka umkhuba wabantu abasha osuvamise ukwenziwa, lapho ubathola sebehuqana notshwala emingcwabeni. Ubabona bevule amabhuthi ezimoto, begoxana nezimbiza zikaFaro. Kungagcono bavele bangalubhadi uma kunenkonzo yokuphelekezela othandiweyo emndenini. Lokhu kwande kakhulu ezinganeni ezigogode ezikhungweni zemfundo ephakeme. Phela benza imisebenzi ebaholela imali, enjengemali.

Abangazange babenenhlahla yokufunda bagogode, basuke bevuke ngomnyama bakuyomba iliba. Basuke sebejuluke bemanzi te!

Okuxakayo ngabantu abasha, ukuthi bathenga amabhenyebhenye ekubeni basuke beselala embhedeni, ababelala kuyo besafunda! Benjalo nje, basuka emadolobheni bengaphethe ngisho isinkwa lesi.

Okulandela lapho, ubathola sebese zingozini ezinyantisayo. Yingoba baphuza kuze kube zintatha. Ngisaphinda ngithi, kungcono bengayihambeli imingcwabo, uma bezoyiphendula umuzi kamama oneshuwa.

Sipho Robert Mpungose

Eshowe.