Mhleli: ngithokozile kakhulu ngesimemezelo sikaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa sokuxegisa imigomo nemibandela yomvalelandlini sangena esigabeni sesibili kepha masiqaphele singagajwa yinjabulo bese sizibuyisela emuva.
Ukugajwa yinjabulo kungasibuyisela eGibhithe kumbe ezigabeni esesidlule kuzo ngenxa yokuziphatha budedengu.
Ukufinyelela kulesi sigaba akusho ukuthi sesingaziphatha budlabha ngoba igciwane lingazipha amandla kakhulu lingabe lisalawuleka, ngakho-ke konke kufanele sikwenze ngokukhulu ukucophelela. Imigomo nemibandela masiyilandeleni njengesicelo sikahulumeni ukuze sizigcine siphephile sinabathandiweyo bethu.
Ezindaweni zobumnandi yikhona lapho okufanele siqikelele khona kakhulu kwazise amaphutha amaningi enzeka khona. Uhulumeni ulibambile iqhaza lakhe lokusivikela, konke sekulele ekuziphatheni kwethu.
Ukududula impi masikhumbule ukuthi akuchazi ukuthi usunqobile ngoba isangabuya mawala.
Asikufake emqondweni wethu ukuthi inhloso yokwehlela kungena kulesigaba wukufukula umnotho waseNingizimu Afrika obonakala untengantenga.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uchazile ukuthi isifundazwe silahlekelwe yimali elinganiselwa kuR30 billion ngenxa yeCoronavirus.
Kufanele sizibuze ukuthi iNingizimu Afrik iyonke ilahlekelwe yimalini, sakhe namasu okubuyisa le mali.
Ngiyanxusa ukuthi umuntu nomuntu atshele asondelene naye ukuthi akagcine imigomo nemibandela ukuze singazisoli.
Uzenzile akakhalelwa kepha kukhalelwa uzumekile. Liyagawula izembe ngakho kumele sizinakekele ngoba kudla fumuka kudle silaza.
Kusezandleni zethu nina beSilo, isalakutshelwa sibona ngomopho. Yisikhathi esihle sokufukula umnotho lesi kepha konke kufanele sikwenze ngobunono bekati.
Ngizophetha ngokuthi masiqikelele singabuyeli emuva, sikhumbule ukuthi umuntu ngumuntu ngabantu.
Phondolwendlovu Mzolo
eMkhambathini