MHLELI: Siphatheke kabi khona ngokwenzeka eNingizimu Afrika ikakhulu uma sibuka indlela okubuswa ngayo izwe. Le nto kababa uMsholozi owayengumengameli wakuleli, bekungangcono uma ingabhekwa ngesihle, kungasebenzi ipolitiki namandla oMbuso, ukuze izwe lizoba nokuthula. Angiyena umuntu wezombusazwe kodwa lobu buhlungu obehlela umndeni wakhe busithinta sonke.
Kuyamangaza ukuzwa uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ekhuluma emisakazweni, ethi abantu ababeyoseka uMsholozi KwaDakwadunuse, eNkandla, bazoboshwa ngoba bephule imigomo yeCovid-19, nanokuthi kunamakhamera ayehleliwe ayeqopha khona.
Umbuzo enginawo ngothi, laba ababesembuthwaneni we-ANC eMvoti, bona bazoboshwa nini? Engani lo mbuthano wasusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngenkathi i-ANC ilungiselela ukhetho lwezigceme ngokuba nabantu abevile esibalweni esasibekwe ngenxa yemigomo yeCovid-19.
Inhlangano ebusayo, uKhongolose, njengoba ixosha abantu ngokuya eNkandla, kuyisikhathi esibucayi seCovid-19, nabaholi ababeseMvoti nabo mabajeze khona sizobona ukuthi akukho ukwenzelela nokucwasa uNxamalala enhlanganweni.
Uma ngibuka nje, i-ANC kunabayihlakaza ngaphakathi futhi kuzogcina kuphela ngayo ngoba le nto eyenziwayo ibulala ubumbano kubaholi abaningi. Ngiyaphinda ngiyasho ukuthi angiyena umuntu wepolitiki kodwa siyisizwe aseneme ngendaba kaNxamalala.
Sanele Mfanawamagilija Nhleko
MELMOTH