MHLELI: Ngicela ukuphawula ngengikuzwe ezinkundleni zokuxhumana obekukhulunywa ngabathile okufaka nomholi waseBuhleni. Kunokukhuluma okukhulunywe wuMfundisi uShozi eKhenani lapho ethe “ufisa sengathi uSibisi angeze afa kodwa omele othini, ukuze abonwe yisizukulwane ngoba wathatha ifa lenye indlu waliyisa kwenye indlu”. Nomholi waseBuhleni kuyo indawo efanayo ukukhulumile ukuthi ifa lenye indlu kalidliwa kwenye indlu, kuyaziwa ukuthi uma kuhamba ubaba kuthathe inkosana, wuyena inkosana yoThingo, nasesiZulwini lokho kuyaziwa”.
Lezi zinkulumo zingivusela imibuzo. Owokuqala ukuzwa kuShozi ukuthi “uSibisi walithatha kanjani ifa lenye indlu waliyisa kwenye” njengoba kunguyena owabhala lezi zincwadi ezimbili ebezibangwa enkantolo?
Uma isono sikaSibisi kungukuthi waba ngufakazi encwadini ebibangwa, yena engumfundisi wayeyo kwenzenjani uma umholi wakhe amhloniphayo ethi akasayine njengofakazi? Uma kungukuthi isono ukuhambisa incwadi kummeli uButhelezi, yena wayeyokwenzenjani ethunywa wumholi wakhe?
Ngiyafisa ukwazi kuShozi ukuthi njengoba enesikhundla sobufundisi, enza kuso isifungo phezu kwentaba (nanxa ukugcotshwa kwakhe kwaba nokukhuluma kwaze kwavela igama loJazibhantshi) ngabe uyayifunda yini incwadi kaMathewu 7:1-5 “Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyokwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso. “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni na? Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: “Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho; bheka, ugongolo lusesweni lakho. Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.” UShembe akabagcobelanga lokho abefundisi kodwa ukuba benze ukulunga, bashumayele umbuso wezulu olikhaya labangcwele hhayi amagqubu nobudlova nobundlavini. Ngifisa-ke ukubheka kumholi waseBuhleni la mazwi.
UNkulunkulu ubemuphe ithuba eliyingqayizivele lokuthi ame phambi kwabantu abaningi kangaka ukufundisa ngombuso kaNkulunkulu. Kodwa ufundisa imbubhiso. Bonke laba bantu ababaphambi kwakhe basuke besuke emakhaya badela imali yabantwana babo, ngenhloso yokuzophiliswa umphefumulo. Konke lokho akwenzekanga, baphindele emakhaya beyizoni ezinenzondo namagqubu asuselwa emangeni akhulunywa epulpiti.
Uma umuntu into engayazi njengalokhu umholi engazi lutho ngobuholi bebandla kuhle adedele abaziyo bakhulume ngakho, yena ashumayele ivangeli lombuso ozayo elezelwa nguShembe ezweni, ayeke ukwehlulelana ngento engathi shu.
Kungamanga ukuthi ebandleni kusuka ubaba kuhlale indodana kodwa umholi uyagcotshwa akazalwa. Kungamanga ukuthi ubuholi bebandla buhamba ngobukhosana, buhamba ngokugcotshwa. Kuyaxaka-ke ukuthi bese efuna ukucasha ngamasiko esiZulu ekubeni sisekukholweni hhayi esiZulwini. NgokwesiZulu yena ngeke alihola ibandla kodwa ngoba sisekukholweni siyambekezelela, asiphiwe amandla okumahlulela.
Ngiyafisa afunde incwadi kaDeteronomi 23 vs 2. Ngifisake bangibuzele kuye ukuthi njengalokhu iNyangayezulu yayingeyona inkosana yenkosi iLanga kwabangani ukuthi ihole ibandla ngaphansi kwalezi zifundiso zakhe? Ngiyafisa abantu abangamaNazaretha beze ekukholweni hhayi ngenhloso yokuba yizitha zobuNazaretha ezingaphakathi ebandleni, bafune ukulunga kukaNkulunkulu ukuze bazuze izibusiso zokuzidela kwabo. Uthi uShembe kuvesi 3 womthandazo weSabatha “ Mesabeni uJehova nigcine imithetho yakhe” lokhu obekushunyayelwa lapha yimpumalanga nentshonalanga kulo myalo kaShembe. Izibusiso ziyovelaphi uma kuphanjanwa nokulunga?
EMGUNGUNDLOVU