Imibono

Kumele usukume uzithathe yize impilo inezivunguvungu

Mpume Nzimande|Published

INCWADI: Finding purpose: lessons from the message architect

UMBHALI: Thami Nkadimeng

ABASHICILELI:Kwela Books

AKUYONA into engeziwa noma ngubani ukuxhumana ngendlela efanele nabanye abantu. Kunzima uma ubhekene nezivunguvungu zempilo ukuthi ukhulume ngoba usaba ukuba yinhlekisa.

Ngokusho kukaThami Nkadimeng, umbhali wencwadi ethi Finding purpose: lessons from the message architect, kumele ukwazi ukucacisa izinhloso zokuxhumana nomunye umuntu. Uthi kumqoka ukuxhumana nomuntu ozwana naye ngendlela efanele ukuze kube nokubambisana othandweni.

Encwadini uThami ulandisa ngezigameko ezimenze wakwazi ukuzimela futhi azikhulumele ngenhloso yokucacisa nokwazisa abanye abantu. Ubalisa ngokudivosa kabili empilweni yakhe. Usola ukuthi kuningi okwakwenzeka kepha ekushaya indiva futhi egwema ukuthi axoxe ngakho.

UThami ugxile ezigamekweni ezenzeke empilweni yakhe futhi ezamenza wafunda okukhulu ngokuxhumana nokuzivikela.

Umlobi uzama ukuxwayisa abanye asebelahle ithemba empilweni ngenxa yokuhlangabezana nezivunguvungu. Ubeluleka ngokuthi bangapheli amandla futhi bazifundise ukuthi bakhulume nabanye abantu ukuze bathole usizo.

Ziningi izincwadi ezitholakala esitolo i-Exclusive Books, https://exclusivebooks.co.za/