NGELEDLULE ngibe nethuba eliyingqayizivele lokhwethula inkulumo ngiyibhekise kwizakhamuzi zikaMasipala weTheku. Ngibe futhi sengithula isabelomali sikamasipala wethu esinguR53.2 billion.
Lesi sabelomali sisethule ngesikhathi esinzima kakhulu lapho umasipala wethu usazikhotha amanxeba, kulandela ubhubhane, iCovid-19.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi umnotho wethu ushayeke kakhulu ngenxa yokubhebhetheka kweCorona, neyaholelela ekutheni kube nomvalelandlini.
Maningi amakhaya okube nzima kakhulu kuwo, kwaze kwalekelela umasipala wethu nohulumeni kazwelonke ngezijumbana zokudla.
Ayisakhulunywa-ke eyosomabhizinisi abancane okuthe uma kuxegiswa izigaba zomvalelandlini, kwaphoqeleka ukuthi baqale phansi.
Yingakho umasipala wethu ubeke uR21 million okuzohlomula kuwo amabhizinisi evile ku-700.
Kuyasithokozisa ukuthi amasu ethu okufukula umnotho waseThekwini, aseqalile ukuthela izithelo.
Okufakazela lokhu wukuthi esikhathini esincane nje sesikwazile ukuheha utshalomali olucela kuR4 billion.
Kulesi sabelomali sikubeke kwacaca ukuthi sifuna ukufukula amabhizinisi alabo ababencishwe amathuba phambilini.
Yingakho sizokhipha uR1billion kulo nyaka wezimali ozoqala, ngawo esizothenga kosomabhizinisi abancane abasemalokishini nasezindaweni ezisemakhaya.
Sithi-ke manje sizogqugquzela ngokwezigceme ukuthi abantu bakithi basungule izinkampani ezizokwazi ukuthi zihlomule ezintweni eziningi ezizothengwa wumasipala wethu emkhankasweni wawo wokuthuthukisa ingqalasizinda.
Okunye okukhulu wukuthi lide ibanga esesilihambile ukuthi sisukumise isikhungo esizosilekelela ukuthi kuqeqeshwe osomabhizinisi abancane.
Sikwenza lokhu ngoba ziningi izigameko lapho iningi lamabhizinisi abantu bakithi libuye lintengantenge, amanye agcine esewile.
Ngaleli gxathu sinethemba elikhulu lokuthi miningi imindeni ezokwazi ukuthi ixoshe ikati eziko, kancane kancane sinciphise igebe phakathi komacaphuna-kusale nabadla imbuya ngothi.
Siziqhenya kakhulu ukuthi enyakeni wezimali odlule, senze isiqiniseko sokuthi ezintweni esizithengayo - amabhizinisi amancane abantu bakithi - nawo ayahlomula.
Lokhu kufakazela ngokusobala ukuthi uma sithi singumasipala onakekelayo, sisuke singasengi ezimithiyo.
Ukufuduka kwabantu besuka ezindaweni ezisemakhaya beza kumasipala wethu ukuzobheka amathuba omsebenzi, kusethwese umthwalo omkhulu ngoba uma sebelapha kuwumsebenzi wethu ukuthi sibahlinzeke ngezidingo-ngqangi futhi senze isiqiniseko sokuthi bakhelwa izindlu ezibuyisa isithunzi.
Sihlabeke umxhwele ngokuthi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke usinike imvume yokuthi siqale izinhlelo ezinhlanu ezinkulukazi zokuhlaliswa kwabantu eCornubia, Umlazi Urban Regeneration, Bridge City, Greater Amaoti nasenkabeni yedolobhakazi iTheku.
Eminyakeni emihlanu nje, sesakhe izindlu ezicela ku-22 000 ezingamakhaya kubantu abaningi abebehlala ezindaweni eziyizakhiwo.
Ukuqala kwalezi zinhlelo kuzoholela futhi ekutheni kwakheke amathuba omsebenzi njengoba nathi sibhekene nenselelo yokuntuleka kwamathuba omsebenzi, ikakhulukazi entsheni.
Ukunyuka kwezindleko zokukhokhela izinto ezifana nogesi namanzi, kuyinto engaphezu kwamandla ethu. Sizokhumbula phela ukuthi umasipala wethu amanzi uwathenga eMngeni Water Board ebese kuthi ugesi wona awuthenge e-Eskom.
Ngakho uma lezi zinkampani zikhuphula imali, nathi siyaphoqeleka ukuthi siyikhuphule.
Kepha uma senza lokhu, sicophelela kakhulu ngoba siyazazi izinselelo ezibhekene nezakhamuzi zethu. Yingakho nokukhuphula kwethu imali yokukhokhela lezi zidingo kungambi eqolo uma kuqhathaniswa nakwezinye izingxenye zezwe.
Ngakho siyawunxusa umphakathi ukuthi usilekelele ekutheni abanye bethu bapheze ukweba ugesi ngokunjalo namanzi.
Masifunde ukuthi lezi zidingo sizikhokhele ukuze umasipala wethu ukwazi futhi ukuqoqa imali yokuthi sihlinzekwe ngazo ngokungenamkhawulo.
Sekuyantwela enzansi kwezokuvakasha njengoba kuthe uma kwehliswa izigaba zomvalelandlini, sanda isibalo sabantu abavakashela iTheku.
Sonke kufanele sikuqonde ukuthi ezokuvakasha ziyigolide lethu.
Ngakho kubalulekile ukuthi sonke sibe ngamanxusa ezokuvakasha futhi senze isiqiniseko sokuthi uma izivakashi sezifikile, siziphatha kahle.
Njengoba zanda izindawo zokuzijabulisa emalokishini ethu neziheha abavakashi, masilwe nezigameko zobugebengu ngoba uma singakwenzi lokhu sixosha izivakashi nokubuye kulimaze thina futhi.
Okubaluleke kunakho konke wukuthi sibe ngumasipala omali yabakhokhi bentela iphathwa kahle futhi kube nozinzo.
Sijabula akakhulu ukuthi kulandela amasu ethu okuthi lo masipala uphathwe ngendlela yemithetho elawula ukuphathwa kwalesi sigaba sikahulumeni.
Muva nje, uMcwaningi maBhuku jikele usinike umbiko othembisayo, phecelezi i-Unqualified Audit Opinion.
Wumbiko lona osondele kakhulu embikweni ongenagcobho, phecelezi i-Clean Audit Opinion. Kusemqoka futhi ukuthi ngisho ukuthi amasu ethu, aholele ekutheni ukusetshenziswa kwemali budlabha, kwehle ngo-54% onyakeni wezimali esiphuma kuwo.
Ngakho sizokwenza konke okusemandleni ukuthi singabuyeli emumva kulo nyaka wezimali ozoqala.
Uma sisebenza ngokubambisana, akukho nayinye inkinga esohluleka ukuthi siyixazulule.
Uma imiphakathi yethu inezinto engeneme ngazo mayelana nokulethwa kwezingo, mayipheze ukuthi ingenelele imibhikisho enodlame neholela ekutheni kulimale ingqalasizinda, kucekeleke phansi nempahla kahulumeni. Iminyango yethu ihlale ngaso sonke isikhathi ivuliwe ukuthi sikwazi ukuxoxisana.
Imibhikiso enodlame yakha isithombe esibi ngeTheku nokungenza ukuthi abatshalimali esithembele kubo, babe madolo nzima ukuzotshala imali kumasipala wethu. Kuzo zonke izakhumuzi zethu ezikhokhela izidingo nezithobela umthetho, sibonga asiphezi. Nime njalo nje!
UMnuz Mxolisi Kaunda, uyiMeya kaMasipala weTheku