NAMHLANJE iNingizimu Afrika igubha usuku lwentsha. NgoJuni 16 kusuke kukhunjulwa ukuzidela kwabafundi baseSoweto, ababezabalaza nokwaholela ekutheni abanye abafundi babulawe ngamaphoyisa, ngesikhathi bebhikishela isiphakamiso sokuthi kufundwe ngolimi lwesiBhunu.
Izinselelo ezibhekene nentsha yanamhlanje azifani nalezo zango-1976. Ngeshwa nentsha yamanje isabhekana nokucwaswa ngokwebala njengoba sibonile kugonyuluka abafundi abafunda ezikoleni zabelungu lapho abafundi babantu abamnyama besuke beyingcosana khona.
Kuyadabukisa ukuthi ngo-2020 kusaliwa impi yebala kodwa le mpi isazoqhubeka uma kusazothi kukhulunywa ngayo kujahwe ukumbambatha, kube ngabacwasi abashaya imithetho yokuthi kumele siyikhulume kanjani le ndaba futhi kube khona abathi abantu abamnyama bayathanda ukukhala ngokucwaswa isidingo singekho.
Ngaphezu kokucwaswa ngokwebala inselelo enkulu intsha yanamhlanje ebhekene nayo ukuntuleka kwemisebenzi.
Miningi imizamo ekhona yokulwa nalokhu kushoda kwemisebenzi kodwa ziningi ezinye izinto eziyimixhantela yakho ezidinga ukulungiswa ukuze imizamo izothela izithelo.
Eminye yale mixhantela ububha, ukungalingani kwemfundo etholwa yintsha yaseNingizimu Afrika, ukungafinyeleli kwamathuba kuyona yonke intsha, ukungabi bikho kwengqalasizinda kwezinye izingxenye zezwe, ukungabi nolwazi ngokushintsha kwezinto nomthelela wezobuchwepheshe, ingcindezi intsha ebhekene nayo nezinye izimo zempilo.
Kuyadingeka ukuthi uma kukhulunywa ngokusiza intsha kubhekwe yonke into hhayi uhlangothi ololudwa kuphela. Kumqoka nokuthi kukhunjulwe ukuthi abantu abathandi izinto ezifanayo ngakho akungathi uma kubekwa etafuleni iziphakamiso ngezinto ezingasiza intsha kwenziwe lokho ngendlela eyodwa noma kucatshangwe ukuthi wonke umuntu kumele lokhu okuphakanyiswayo kumsebenzele. Akuyona yonke intsha efuna ukuzisebenza, akuyona yonke efuna ukusebenza ngezobuchwepheshe futhi akuyona yonke ezosebenza kwezikaqedisizungu. Asiyeseke intsha ngendlela ezosiza yona futhi asizwe kuyona ukuthi iyiphi indlela edinga ukusizwa ngayo.