UMCIMBI wokuthweswa kweziqu eNyuvesi iKwaZulu-Natal, uvuse usinga kubazali abaningi bethokozele impumelelo yezingane zabo.
Abantu abaningi bachome inyuvesi uphaphe legwalagwala ngokuvulela abafundi nabazali inkundla yokuzigqaja ngamasiko nangesintu sabo.
Umzali oyedwa uzwakale ehlabelela ingoma ethi: “Kusekhaya la, noma ngabe izindlu ezodaka,” lokhu kuvuse imizwa yomunyu nenjabulo kubantu abaningi bebuka uhambo obelungelula, ukuze bafike kwanompumelelo.
Inyuvesi ibhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi amakhaya awafani ngakho uhambo olubheke ekuthwesweni kweziqu luhlukile kuwo wonke umuntu.
“Siyaluqondisisa udaba lwabo, imizwa yabo, izinyembezi zenjabulo nokubungaza kwabo kulo mcimbi,” kusho inyuvesi.
@navuyo: Umcimbi wokuthweswa kweziqu e-UKZN ungifikisela ngomunyu. Kunzima ukufundisa izingane. Ubunzima sonke siyabazi. Kuyangijabulisa ukuzibona izingane zabohlanga zithola iziqu. Siyabonga UKZN.
@ZaneleNgumbela: Ngivele ngakhala ngibona lokhu. Udadewethu uzothweswa iziqu ngesonto elizayo kodwa umama akasekho emhlabeni. Nginesiqiniseko sokuthi ubezokwenza okufanayo, wakwenza nakumina. Ngifikelwa umunyu mangicabanga ngesonto elizayo ngazi kahle ukuthi mama ngeke abe khona.
@gaedebm: Ohmawhee! Lokhu kubungaza kungenza ngikuthokozele kakhulu ukuba yingxenye yokuthweswa kweziqu #UKZN #UKZNGrad2022
This is love! “We have been through a lot together “ kind of moment.#UKZNGrad2022 #MyUKZN #MyPride #UKZN #InspiringGreatness #Graduation #UKZNGrad2022 pic.twitter.com/5JA2HpTXIs
— University of KZN (@UKZN) May 12, 2022
Ujabulile umama!❤️#UKZNGrad2022 #MyUKZN #MyPride #UKZN #InspiringGreatness #Graduation pic.twitter.com/a0MbivR8AL
— University of KZN (@UKZN) May 12, 2022
Graduation is a big deal ! It’s a personal journey! Touching scene from the #UKZNGrad2022 #MyUKZN #MyPride #UKZN #InspiringGreatness #Graduation #UKZNGrad2022 pic.twitter.com/7gsXWOO8iQ
— University of KZN (@UKZN) May 12, 2022
A proud and emotional parent singing from the heart.
— University of KZN (@UKZN) May 11, 2022
Graduation is a stepping stone to a better tomorrow.#MyUKZN #MyPride #UKZN #InspiringGreatness #Graduation #UKZNGrad2022 pic.twitter.com/I31KZZ21jZ