ISIMO somnotho siyantengantenga. Izinkampani eziningi zidiliza abasebenzi mihla namalanga. Lokhu kubukeka kuyisimo esisazoqhubeka njengoba umnotho ungakhuli ngesivinini esifanele. Ukuntuleka kwemisebenzi kuyaphoqa ukuthi thina esisebenzayo sihlale sizibuza umbuzo obalulekile othi “uma ngingase ngiphelelwe umsebenzi ngingenzenjani?”
Impendulo ejwayelekile kulo mbuzo yileyo ethi uma ngingaphelelwa umsebenzi ngingafuna omunye. Kodwa njengoba sengishilo isimo somnotho asisihle ngakho kungaba nzima ukuthola umsebenzi.
Owami umbono uthi kumele sizijice sihlale sinayo impendulo yalo mbuzo othi ngingenzenjani uma ngiphelelwa umsebenzi. Nangaphandle kokudilizwa kuyenzeka uxoshwe emsebenzini noma unqume ukuthi sewenele yile nkampani usufuna ukuya kwenye.
Zikhona izindlela ongazilungiselela ngazo ukuze kuthi mhla lufika lolo suku lokuphelelwa umsebenzi ungalokhu ubamba uyeka. Okokuqala hlala uwacijile amakhono akho ukuze akusebenzele lapho uphelelwa umsebenzi. Sonke sinamakhono esawafundela noma esawaphiwa. Amanye siyawasebenzisa emsebenzini amanye asiwasebenzisi. Ngiphakamisa ukuthi wasebenzise wonke amakhono akho khona uyokwazi ukwenza imali ngawo uma uphelelwa umsebenzi. Isibonelo nje kunabantu abakwazi ukukhanda izimoto, ukubhaka, ukuthunga njalo njalo kodwa etohweni benze umsebenzi ongahlangene nala makhono. Engikushoyo wukuthi uma uzowathintitha la makhono ngoba usuphelelwe umsebenzi ungathola ukuthi izinto zihamba kancane kakhulu.
Baningi abantu abathi besebenza bebe benamabhizinisi eceleni noma badayise okuthile. Lokho kuwumqondo omuhle ngoba kungathi uma uphelelwa umsebenzi uziqhubekele nebhizinisi lakho lapho ozakwenu besacabanaga ukuthi konje bazothathani bahlanganise nani. Nala makhono engibhale ngawo ngenhla usungawasebenzisa ukuphemba ibhizinisi.
Kokunye sixakeka emsebenzini size sikhohlwe ukuxhumana nabanye abantu abasemikhakheni ecishe ifane naleyo esikuyo uthole ukuthi awusaxhumani ngisho nanabangani bakho. Lokhu kuliphutha. Kubalulekile ukuxhumana nabantu abahlukahlukene ukuze kuthi mhla ufuna umsebenzi ubathinte ubatshele ukuthi abakufunise. Kuba nzima ukuthi ningaxhumani nomuntu iminyaka uqhamuke usumthinta ngoba usudinga usizo.
Kubalulekile nokuthi uziphathe kahle emsebenzini usebenze ngokuzikhandla. Uma waziwa ngokuziphatha kahle emsebenzini abaphathi bakho nozakwenu bayakufunisa umsebenzi kodwa uma udume ngokuba wuhlupho akukho muntu ozoba nomdlandla wokukusiza. Phela abantu abafuni ukumtholela umsebenzi umuntu ozofika abe wuhluphho ngoba lokho kwenza abukeke kabi nalowo osuke ekutholele lowo msebenzi.
Enye indlela yokuzilungiselela amathonsi abanzi yile yokuthi sibe nemikhuba emihle yokuphatha imali sisasebenza ukuze kuthi uma sesiphelelwa umsebenzi singabe sesicwile ezikweletini. Masikujwayele ukuthi uma kungukuthi imali ikhona akusho ukuthi kumele isebenze. Masizijwayeze ukuthi izindleko zethu zibe ngaphansi kwemali esiyiholayo ukuze sikwazi ukubeka imali. Masizijwayeze ukuthi ukukhushulelwa kwesinye isikhundla akusho ukuthi thenga imoto entsha noma umuzi omkhulu kunalo osuhlale kuwo iminyaka. Ubunzima bokuphelelwa wumsebenzi buba ngconywana uma ungacwilile ezikweletini.
Uma usuphelile umsebenzi kwaphuma imali yakho, leyo mali kumele uyiphathe ngobukhulu ubunono. Kumele ucabangisise ukuthi uzoyonga kanjani imali. Empeleni ngoba imali yokuphelelwa umsebenzi ivame ukuba umthanyana kuhle ukuthi uthole ungoti ongumeluleki wezezimali akubonise indlela ephusile yokuphatha imali nendlela ezonciphisa intela okumele uyikhokhe. Kubalulekile ukuthi imali oyitholile ikulonde isikhathi eside ngoba akwaziwa ukuthi uyobuye uwuthole nini omunye umsebenzi.
Okucacayo wukuthi akumele ulinde ngaphambi kokuba uhlelele izikhathi ezinzima zokuphelelwa wumsebenzi. Ngisho ungakezwa lutho ngokudilizwa kwabasebenzi enkampanini osebenza kuyo hlala uzicijile ngoba ikusasa alaziwa.