Imibono

Kudabula inhliziyo ukubhubha kwabantu abasha eNyobeni

Published

ISIBHICONGO esenzeke eMonti, e-Eastern Cape sishaqe izwe njengoba ngeSonto, sivuke ngezindaba ezibuhlungu zokuthi kufe abantu abasha abangu-21 endaweni yokucima ukoma.

Ukuphuma kwemiphefumo eminingi kangaka yabantu abasha ngenyanga yokubaqhakambisa, kuyisilonda, hhayi kubazali nasezihlotsheni zabo kuphela kepha nasezweni.

Lesi sigameko esisangundabuzekwayo senzeke eNyobeni Tavern, eScenery Park, kanti kusayindida ukuthi yini ngempela ebulale laba bantu njengoba bebengenamanxeba kepha betholwe beyizigingqane kule ndawo ngeSonto ekuseni.

Lishone elangeSonto, amaphoyisa ase-Eastern Cape esathi akukacaci ukuthi yini ebulale le ntsha ebiyozithokozisa kule ndawo yokucima ukoma.

Kukhona nezinsolo zokuthi bekukhona nabangaphansi kweminyaka engu-18, abangakavumeleki ukuba sendaweni edayisa utshwala kanjalo nokukuphatha.

Miningi imibuzo ekhona ngalesi sigameko futhi okufanele iphendulwe yonke njengoba nemindeni yabashonile kumele yazi lonke iqiniso ngokwenzekile.

Umnikazi wethaveni kumele akhiphe iqiniso lonke ngokwenzekile nembangela yokufa kwabantu abasha.

Uma izinsolo zokuthi bekukhona nabangaphansi kweminyaka engu-18, kumele futhi aphucwe ilayisensi yokudayisa utshwala njengokubalula kwe-Eastern Cape Liquor Board.

Kubuhlungu kakhulu okwehlele abashonile futhi siyazwelana kakhulu nemindeni esilahlekelwe ngabantu mhlawumbe abebesalindele lukhulu kubona.

Okusikhathazayo kodwa wukubona intsha ifela “emanyaleni” futhi ithola utshwala ezindaweni okumele engabe ziyaqinisekisa ukuthi utshwala budayiselwa futhi bunikezwa abantu abangaphezu kweminyaka engu-18.