KUPHELILE ukuphola. Ziyavulwa izikole ngoJuni 1. Ingabe sikulungele yini lokhu?
Lona ngumbuzo osezingqondweni zabazali nabafundi bakaGrade 7 no-12 njengoba kuyibo abazoqala babuyele esikoleni uma kuqala inyanga ezayo ngokwesimemezelo soMnyango weMfundo eyisiSekelo.
Noma ziziningi izingqinamba ezibhekene noMnyango wezeMfundo kuleli kepha ngiyakuncoma ukukhombisa ukuhleleka kwalo mnyango ngandlela thile.
Noma isekhona imibuzo ngezinhlelo zokuqikelela ukuvikeleka kwabantwana kodwa ukuqala ngedlanzana ngaphambi kokubuyisela bonke abantwana emagunjini okufunda kukhombisa khona ukuthi icatshangiwe le ndaba.
Kusekhona-ke esisazibuza khona ukuthi ngabe kuhleliwe yini ngaphambi kokuvulwa kwezikole.
Kulokhu singabala ukuhlanzisisa ukuze kubulawe amagciwane athwele isifo iCovid-19.
Kuzofanele kube nezibulalimagciwane nokunye okubulala amagciwane, kulungiswe nesimo samanzi ukuze abantwana bahlanze izandla njengoba imigomo yokuvikela lolu bhubhane isho.
Ngokwemibiko ye-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organisation (Unesco) okukhona ngaphansi kwayo iNigizimu Afrika, India, USA, China, Mexico, France, Turkey, Brazil, Australia, Egypt, Greece, United Kingdom, Canada, Saudi Arabia, New Zealand, Norway, Denmark, Lebanon namanye amazwe; zilinganiselwa ku-90% izikole ezivaliwe emazweni angu-186 ngenxa yegciwane iCorona emhlabeni jikelele.
UTUMELO Moloi efutha i-hydrogen peroxide eyisibulalimagciwane. Yena nozakwabo uBheki Rachilo noDada Maseko bagqugquzela ukuthi kufuthwe ezikoleni ukuze kuphephe abantwana
Zikhona izikole emazweni ambalwa lapho abantwana sebeqalile ukubuyela esikoleni okuzofanela sibukele kuwo ukuze sinqande ukubhebhetheka kwalesi sifo ukuze nempilo ibuyele kweyejwayelekile kancane kancane.
Lapha singabala amazwe afana neChina, Japan neDenmark.
La mazwe ashintshe izinhlelo zawo zokuhlanzwa nokuphathwa kwezikole ukuze kuphephe abantwana. Izikole zifuthiwe, zahlanzwa ngaphambi kokuthi abantwana baqale ukufunda.
Nathi eNingizimu Afrika kasiqhelelene nokwenza uhlobo olunzulu nolukhethekile lokuhlanza nokubulala amagciwane ezikoleni nasemahhovisi.
UTumelo Moloi nozakwabo uDada Maseko noBheki Rachilo beMist Hygiene, eThekwini naseGoli, babone ukubaluleka kwalo msebenzi bahlanganisa amakhanda bakwenza kwenzeka.
“Siqala ngokuhlola ibhilidi, bese sisebenzisa imishini yethu ekhipha okusantuthu okumhlophe okuthwele i-hydrogen peroxide okuyiyona ebulala kwasani eyigciwane elingaba khona endaweni,” kuchaza uTumelo.
Uthe abantu bavumeleka ukungena kuleso sakhiwo emva kwehora uma umsebenzi wokuhlanza sewenziwe. Uthe uma sekufuthiwe, kubalulekile ukufaka imishini yokufutha abantu ngaphambi kokuthi bangene kuleso sakhiwo esesishlanziwe.
Nesibulalimagciwane siyadingeka ukuze abantu noma abantwana bahlanze izandla okuyizo ezisabalalisa amagciwane ngokuthintathinta.
Kuzobaluleka ukusebenzisana kwabaphathi bezemfundo nongqondongqondo bokuhlanza izakhiwo ikakhulukazi ezikoleni lapho abantwana bethu befunda khona.
Uma kungabanjiswana, ukubhebhetheka kweCovid-19 singakunqanda ezikoleni ukuze imfundo iqhubeke.
Lokhu singekwenze ngokuhlanza nje kuphela kepha nokuqikelela ukuthi:
Abantwana bethu bagqoka izifonyo ngaso sonke isikhathi.
Abafundi nothisha abagulayo bahlale futhi banakekelwe emakhaya.
Baqikekelele ukungathintathintani kwabafundi nothisha.
Sibakhumbuze ukugeza izandla ngaso sonke isikhathi ngensipho noma ngesibulalimagciwane kahlanu noma ngaphezulu ngosuku.
Ukushiya isikhala phakathi kwabo.
Ukungahlangani kwabafundi abaningi ndawonye, okusho ukuthi imidlalo yokuzilolonga ithi ukumiswa ezikoleni.
Ukuqikelela ukuthi abafundi banikezwa ulwazi olubafanele nabazoluqonda nge-Covid-19.
* UPhindile Zulu uyiPublic Relations Specialist nePublic Facilitation Consultant KwaZulu-Natal, eGoli naseKapa.
Umsebenzi wakhe wukuqinisa ubudlelwane phakathi kwamalungu ehlukene emphakathini nakwezamabhizinisi.