Imibono

Khulumani iqiniso befundisi ngebandla likaJesu

Opinion|Published

Khulumani iqiniso befundisi ngebandla likaJesu isithombe: Werner Beukes/SAPA

MHLELI: Ngithanda ukugcina isethembiso engasenza kwelakho sokwethula isakhiwo sebandla. Mhleli ohloniphekile, baningi abaziyo ngebandla kodwa bayaziba sengathi abakaze bayizwe indaba yalo. Abanye abafuni ukukhuluma ngayo ngoba bayazi ukuthi kuyophela amahlathi okucasha mhlazane, yahlalelwa phansi yaxoxwa.

Baningi abantu abaphethe izikhundla kwezenkolo okungathi uma kuhlalwa phansi kudingidwa indaba yebandla, baphoqeleke ukuba behle kuzo. Phela, kuyovela obala ukuthi izikhundla abakuzo, baziphethe ngamanga.

Abafundisi abasindisiwe abafuni nakuzwa ngebandla. Uma bebona ivela obala kwelakho iphephandaba iyabahlukumeza ngoba bayazi ukuthi mkhulu umonakalo abawenzile bephikisana nale ndaba.

UPawuli uthi "ngabeka isisekelo. Ngakho-ke owakhayo phezu kwaso makaqaphele ukuthi wakha kanjani.“

Kudela owaziyo ukuthi umuntu oqhubeka nesakhiwo ekubeni eqondisisa kahle ukuthi asinaso isisekelo esifanele, wethembeni. Ngidabukela ongenalwazi, odunguza oswini engaqondi ukuthi yinkulu kangakanani indaba okungakhulunywa.

Yingakho ngigcizelela futhi nginxusa abazalwane ukuthi ababuze abafundisi babo ukuthi bathini bona ngale ndaba. Ungamangala mhleli uma ngingakunikeza amagama abantu abayizikhulu ezihlonishwayo kwezenkolo kodwa abangafuni nakuyizwa nje, indaba.

Isakhiwo sebandla sizomsiza ofundayo noqaphelisisayo bese ehlukanisa phakathi kweqembu (isonto), nebandla ukuze angadukiswa ngumuntu.

Kuningi ukweduka nokudukiswa okukhona uma kukhulunywa ngebandla. Abanye abalikhulumi iqiniso noma belazi ngoba babalekela ukushiywa ngamalungu esonto bese kuncipha umnikelo. Phela yiyonanto ebaholela emangeni.

Abanye balibeka ngembaba elokuthi akusekho lapho bengaqashwa khona uma kungenzeka baxoshwe emasontweni abawaphethe uma kungavela iqiniso ngebandla. Bathi sebeyishumayele isikhathi eside inqubo yesonto ngeke besakwazi ukuyishintsha.

Siyavuma bayadla impela emasontweni ngeminikelo kodwa ngeke sime kokungelona iqiniso ngenxa yemali. Asikugweme ukulahleka bazalwane yize sesilazi iqiniso ngenxa yomona, imali nezikhundla.

Uma isakhiwo esingezansi singekho lapho ukhonza khona, ngiyakuqinisekisa mfundi ukuthi isonto okhonza kulo, akulona ibandla. UJehova akazi lutho ngalo. Kuliqiniso elibuhlungu kepha aliguquki.

Siyanicela egameni lenkosi uJesu bafundisi, ukuthi nitshele abazalwane iqiniso. Ngokwedlule siveze izinhla zesakhiwo sesonto. Nazi ezebandla:

*umsunguli walo nguJesu Kristu kuphela (Matewu: 16v18).

*libizwa ngendawo elikuyo njengokuthi nje ibandla elikwaNdengezi, noma eThekwini, (iSambulo: 3v1).

*liluswa ngamalungu namadikoni hhayi abefundisi (iZenzo: 20v17,28).

*likhonzana ngezipho (eFesu: 4v11).

*likuqonda kunye ezindaweni zonke ngisho naphesheya kwezilwandle imbala.

*alikukhokhi okweshumi. Liyanikela kuphela ngokuvuma kwenhliziyo (Hebheru: 7v12).

*uma nihlanganela ukukhonza onehubo, uyalihuba (1AbaseKhorinte: 14v26).

*onomyalezo weZwi uyasukuma alikhonze ibandla. Akekho oqokwayo. Bangaba babili noma babebathathu badedelane (1(AbaseKhorinte 14:26).

Uma kungenzeka basukume kanye, kanye omunye uyathoba, ahlale phansi.

*abakhulumayo ngezilimi akufanele badlule kwabathathu bese kuhunyushwe futhi abakushoyo. Bakwenza ngokudedelana (1 abaseKhorinte 12).

Uma kungeke hunyushwe, okhulumayo kufanele athule ebandleni noma afunelwe indawo lapho ezoqhubeka khona azikhulumele yena noJehova ngazo izilimi aze adele bese ebuya ezoqhubeka ukukhonza nebandla.

*akekho othola iholo ngokukhonza ibandla.

*abazalwane bonke bayalingana akekho omkhulu kunomunye. Omdala unikezwa inhlonipho njengomuntu omdala yilabo abasebancane.

*omunye uhlonishwa ngokobudala ekukholweni.

*azikho izikhundla.

Siyacela abangabaholi abayiqondayo indaba yebandla bakhulume iqiniso ngendaba yeBandla.

Imibuso yonke nabanamandla kumele baziswe manje ngebandla elingukuhlakanipha okuningi kukaJehova (eFesu 3:10).

UJehova odale iZulu nomhlaba abenani bafundi baleli phephandaba. Amen.

Nhlanhla Mtolo

Glenwood

EMGUNGUNDLOVU