NGESONTO eledlule ngishayelwe ucingo ngenye insizwa ifuna ukuzwa ukuthi sinazo yini izikhala zomsebenzi. Ngibe sengibuza ukuthi inaziphi izifundo, yathi ineziqu zePolitical Science. Ngibe sengiyazisa ukuthi asinazo izikhala zabantu abafunde bagogoda iPolitical Science, asinazo ngisho eze-Admin.
Ibe buhlungu inhliziyo yami ngemuva kwale ngxoxo ngoba le nsizwa nomndeni wayo balindele ukuthi njengoba isineziqu isebenze kodwa ezinkampanini eziningi ezejwayelekile aziziningi ezidinga abantu abaneziqu zePolitical Science, nokungenze ngacabanga ngendlela izingane zethu ezikhetha ngayo izifundo nemikhakha ezizoyifundela.
Njengoba imiphumela ka-matric isiphumile izingane zethu zizophuma zisakazeke zifuna izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ngiphakamisa ukuthi sizisize izingane ukuthi zikhethe ngobuhlakani izifundo ukuze kube lula ukuthola umsebenzi lapho seziqedile ukufunda.
Esikhathini esiningi sikhetha izifundo ngoba kuwukuthi lowo mkhakha usenazo izikhala noma ngoba sithole umfundaze ofuna abazokwenza izifundo ezithile, hhayi ngoba sizithanda lezo zifundo. Uma sifunda sifundela ukuthi sithole imisebenzi hhayi nje ukuthi sibe nejazi kuphele kanjalo, ngakho kumele sicabangisise ukuthi yimiphi imikhakha okutholakala imisebenzi kuyo kalula. Uma sikhetha izifundo kumele siqaphele ukuthi yimiphi imikhakha enenqwaba yabantu abanamajazi emfundo kodwa abangaqasheki ukuze singazitholi kulolu gibe.
Kulezi zinsuku zobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu kukhona imisebenzi ezoshabalala noma-ke ezokwenziwa yimishini hhayi abantu. Leyo mikhakha kumele siyigweme uma sikhetha izifundo ngoba kungenzeka uthi uqeda ukufunda lowo mkhakha ube ungasenziwa ngabantu, uzithole ungasaqasheki.
Thina-ke bazali kuzomele sikhumbule ukuthi isimo sezemisebenzi ezokwenziwa yizingane zethu ayifani neyethu. Ngezikhathi zethu kwakunemisebenzi okwakwaziwa ukuthi uma ukhethe yona uzowuthola umsebenzi noma kanjani, uthole noxhaso lwendlu nolwezempilo. Esikhathi esiningi leyo misebenzi kwakungekahulumeni, njengowokuba wuthisha, yiphoyisa noma wumabhalane. Masikuqaphele-ke ukuthi singafuhleli izingane kule mikhakha uma zona zingayithandi. Masikuqaphele futhi ukuthi singaphoqi izingane ukuthi zenze izifundo ezithandwa yithi, nesifisa ukuthi ngabe sasizenzile ebusheni bethu noma umntwana engazithandi lezo zifundo. Nakho lokhu kokuthi sifundela ukuqashwa kumele sikucabangisise. Ngike ngabhala kule ngosi phambilini ukuthi kuningi ongakwenza ngeziqu onazo nangethalente lakho ngaphandle kokulinda ukuqashwa. Bheka ukuthi abantu badinga sizo luni olumayelana nekhono, izifundo noma ithalente lakho, uqale uzisebenze. Thina-ke lapha eMzansi sewasingena kakhulu lo moya wokufuna uxhaso lwemali kuhulumeni ngisho singekho isidingo. Abantu sebazi ukuthi ukuze uqale ibhizinisi kumele uthole uxhaso kuhulumeni.
Elami lokugcina libhekiswe kubafundi baka-matric abangaphumelelanga. Cishe ukungaphumi ephepheni lemiphumela ngenye yezinto ezibuhlungu kakhulu empilweni. Uzizwa uyisahluleki, ungazi nokuthi uzowubhekelwa wubani umndeni nabangani. Nokho baningi abantu abaphumelele empilweni namuhla okwadinga bawuphinde u-matric. Abanye banamabhizinisi abanye bayizikhulu emikhakheni eyehlukene. Ukufeyila u-matric akusho ukuthi uyisahluleki. Empeleni abanye balaba abaphumelele abayoqala ezikhungweni zemfundo ephakeme uzobafica ngoba kuzothi kuphela unyaka bebe bethi abayithandi into abayifundayo, bazoqala phansi omunye umkhakha, bese niqala nabo-ke unyaka wokuqala ngonyaka ozayo. Okubalulekile wukuthi ubuyele, uzimisele, uwubhale kabusha u-matric Ungalilahli ithemba.
Sekukhulunywe kakhulu-ke ngokuthi imindeni ibaxhase abangaphumelelanga, ingabafaki ingcindezi, ngiyathemba sekuzwakele.
Kwabaqede u-matric okuhle kodwa njengoba niya ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kwabaqede iziqu zabo, sinifisela inhlanhla ekutholeni umsebenzi nasekuziqaleleni amabhizinisi. Abazophinda u-matric zibambeni ziqine, kuzolunga.
- ETOHWENI, noLindiwe Khumalo