MHLELI: Sekuyisikhathi sokuthi i-ANC ivume ukuthi yehlulekile ukuphatha izwe. Kahle, kahle i-ANC iphelelwe wushatini.
Uma ubheka kule minyaka ewu-28 edlule kuphethe i-ANC, kuncane okuhle ekwenzele izwe uma kuqhathaniswa nokuningi okubi ekwenzile. Ngempela konakelephi?
Indlala imi ngenhla kubantu bakithi futhi sekwande izinkabi ezibulala abantu ngoba zifuna imali. Kwande ukwebiwa kwemali nenkohlakalo kanti abantu abasebenzi. Abokufika bangena, baphume ezweni bengenawo amaphepha asemthethweni. Ofuna ukuvula ibandla lakhe, uyakwenza lokho. Izimoto ezithwala imali zibanjwa mihla, namalanga. Okuxakayo abokufika abasali ezigamekweni zokubanjwa kwemali noma lapho okwenziwa khona ubugebengu. Sidayiselwa ukudla okungamapokloza futhi sesahlala sigula.
Nansi imali enikelelwe abezikhukhula, sonke sibambe umoya ukuthi kazi ngeke yebiwe yini? Akekho ongazi ukuthi bantshontsha ngisho kufiwe, nangenkathi kungcwatshwa utata (Dkt Nelson) Mandela, kwaba nezimali ezilahlekayo. Kugula abantu bephethwe wukhuvethe kwaba nezimali ezinyamalalayo. Kunzima nje eMzansi, kanti nohulumeni wethu ubukeka esephelelwe amaqhinga.
Njalo kuqhunyiswa imishini yamabhange ekhipha imali (ATM). Amaphoyisa amandla uma kunezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Yilapho owabona khona amaveni.
Kuzo zonke ezinye izigameko aqhamuka ngemva kwendaba. Kulula kuwo ukubopha uNgizwe Mchunu, uNhlanhla Lux nabanye abasuke bengaphethe zikhali. Kodwa abasibamba inkunzi mihla, namalanga lutho ukuboshwa! Ababulalayo lutho ukuzwa ukuthi baboshiwe. Abenza inkohlakalo lutho ukuboshwa!
Kugcina ngokuqokwa kwamakhomishini nje kuphela, ongazi ukuthi aphelelaphi.
Siyawabona amaphoyisa uma kuneziteleka, afika ngokushesha kepha uma siwadinga awafiki. Kuthiwa amaveni awekho. Abokufika sebeyifunde kahle iNingizimu Afrika, bayibona ukuthi iqine ngaphi ixega ngakuphi. Sebebonile ukuthi abe-EFF nabe-ANC bayabathanda noma benganazo izincwadi ezisemthethweni. Ngibona esehlulekile uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uBheki Cele. Kanti ubugebengu buyanda, selokhu angena esikhundleni.
Pho, sizothini ngoba singagcina sesiboshwa kwathina uma sikhuluma? Kumanje i-Operation Dudula yenza umsebenzi engabe wenziwa ngamaphoyisa kodwa iyagxekwa.
Abokufika bagcwele emabhizinisini, ezimbonini, emalolini yize bengenawo amaphepha kodwa amaphoyisa nohulumeni abakuboni lokho.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
EMPANGENI