MHLELI: Sekuyabonakala manje ukuthi yini eyenza abantu bangaphandle bazichachazele eNingizimu Afrika, bese basabise izakhamuzi ngokuthi zibandlulula abokufika.
Sikulesi simo nje yingoba silandela ikhanda kade laphuma emzileni walo, nolilawulayo uthi uyalibuyisela uyageja. Ukube abantu bayakwazi ukuvotela umuntu ozokwazi ukuthatha izwe alibhekise phambili bekuzoshesha kulunge, yize nakhona kusenzima ngoba izwe selinezindodla zezikweleti ongazi ukuthi imali engaka yenzani.
Ukube abantu bayazi ukutho yini ukuvota ngabe asidlali osopolitiki kanje. Baze bathi sobusa kuze kubuye uJesu ngoba bayabona ukuthi kuhlwile la. Uzwe umuntu ethi silambile, baphi oR350 bethu. Wubona lapho ukuthi kusenzima futhi kukude phambili endlini emnyama.
Into nje yamahhala ayikaze ibe yinhle ukuthi ikuyise phambili. Balanda abantu bangaphandle basebenza lapha ngoba sibheke oR350, sikhohlwe wukufuna amathuba emisebenzi. Bese uzwe ubaba omdala nomama omdala bethi: siwuhulumeni onakekelayo, kube kucisha ugesi, kushoda amanzi, imigwaqo igcwele imigodi, kushoda izikole, izibhedlela, imitholampilo, amathuba emisebenzi awekho, kuyabulawana kuyadlwengulwa, kugcwele imikhukhu, kugcwele imfucuza eduze nemigwaqo.
Bese kube khona abantu abazibiza ngabaholi bethu abathi abantu basemazweni angaphandle mabeze lapha. Kodwa ingqalasizinda namathuba emisebenzi akukuvumeli lokho.
Ngimangazwe womunye umholi ethi uzongenela isikhundla sokuba wumengameli wezwe futhi wuyabona ukuthi angawina ngoba ziningi izithutha ezincike kuye ezingamenza abe semandleni. Zizombeka, izwe life kakhulu. Hhayi ngoba kukhona into azoyishintsha yingoba uyabona ukuthi yizwe lokudlala leli.
Laba bantu badala, mhla beshiya izwe bayothi basisize ngani isizwe? Abanendaba bazilwela izimpi zabo nokungenadonsi kufuna ukuba wumengameli.
Umuntu uma ethula inkulumo angasabi ukuthi ngizokwakha amathuba emisebenzi kodwa ebe azi kahle ukuthi awekho. Into nje engabe abasayikhulumi leyo ngoba iyabahlula futhi iyanyanyisa.
Impilo inzima ngangokuthi sizohluleka nokusizana, uzoke ubuke umakhelwane efa yindlala ngoba nawe ubona ukuthi enginakho kuncane, kuzokwanela umdeni wami.
Isakhamuzi saseNingizimu Afrika