MHLELI: Ngicela sifunde lezi zincwadi ekaGenesis 6:1, neka Levi 26:21-25, neka Deutoronomy 11:26. Angifuni ukuthula ngibe ngibona izinto zonakala phambi kwethu.
Okokuqala ngikhalisana nemindeni ekhahlamezwe yizikhukhula ebezihlasele sonke isifundazwe iKwazulu Natal, namaphethelo. Kubuhlungu okudalwe yilo mshophi ogadle endaweni eyodwa, kwaze kwaba yiziwombe ezimbili.
Ngithanda ukulibeka ngembaba elokuthi, izinto ezenzekayo ezweni ziwumphumela wokuphikiswa kwezwi likaShembe, ekubeni wakhethwa nguNkulunkulu ukuthi ahole ibandla laseKuphakameni, kepha uyanqatshelwa. Ngithanda ukusho ukuthi ngeke abantu baphikise uNkulunkulu, bese kuba nokuthula ezweni kube sengathi akwenzekanga lutho. Kuningi okuyiziqalekiso okusazokwehlela izwe ngoba uma siyikhuluma le ndaba nomsuka wayo kuba kubi kwabanye. Inkinga wukuthi sikhuluma nabantu abanganaki futhi abangenandaba nokuthi isizwe siyabhubha noma siyaphila?
Ukube izwe belisenamakhosi amele uNkulunkulu ngeqiniso, ngabe aseke azihlupha futhi afunisisa ukuthi yini imbangela yalezi zinto ezimbi kangaka ezehlela isizwe sakithi, nezwe lakithi? Ngokubona kwami uNkulunkulu ngeke aze athule, angehlisi iziqalekiso ezweni ekubeni siyamphikisa futhi siphambana nezimiso zakhe. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi ohola ibandla lamaNazaretha akazange akhethwe nguNkulunkulu waseKuphakameni. Wakhethwa ngabantu ngokuthanda kwabo. Ngakho akanaso isibusiso sokuhola ibandla nogcobo. Ngokusobala nezwe ngeke libusiseke ngalutho yingakho kuneziqalekiso ezehlela kuleli, futhi sekwenzeke kaningana.
Okubuhlungu namhlanje okwenzekile kwehlele emnyango walapha ahlala khona. Isizwe samaQadi sehlelwe yifu elimnyama ngenxa yokuthi ibandla likaNkulunkulu lonakele kanjena nje, uyaziwa umpheki waleli bhodwe. Bengithi masibhekisise kahle ukuthi akukho yini okukhulu kunalokhu, okusezokwehlela lesi sizwe uma singalungiswa isimo. Ngilisusile igazi ezandleni zami futhi akekho umuntu oyothi wayengazi.
Okhathazekile
KWAZULU-NATAL