MHLELI: Kuyadabukisa ukubona ukunganakwa kwenhlanzeko yamagceke ezikhungweni zikahulumeni ezisiza imiphakathi. Lapha ngikhuluma ngezikhungo zamaphoyisa, ikondabazabantu, izikole ezisemalokishini nasemakhaya nezinye izindawo zikakulumeni.
Kunezikole othola ukuthi kwene ngendlela yokuthi utshani nezihlahla nokhula sekukhule ubude bakho bafika kuphahla lwezindlu zokufundela. Kepha uthi ubheka kwenye ingxenye yegceke, uthole kupake lonke uhlobo lwemoto kaNokusho, zothisha namathishelakazi kepha ukwena sekucishe kuyongena ngamawindi ezindlu zokufundela. Umangale ukuthi uthishanhloko uthule uthini uma isikole sene ngalolu hlobo? Nothisha nabo kusuke kushonephi ukuziqhenya uma befundisela esikoleni esesiphenduke ihlathi ngale ndlela? Izikole zaseMlaza - okuyilokishi engihlala kulo - zihamba phambili ngenkinga yokwena kwamagceke.
Kunendawo lapha eMlaza ebizwa ngokuthi kuseMaweleni la kubhaliswa kuphinde kwemukelwe impesheni nezinye izibonelelo zikahulumeni. Ingaphandle lakhona noma amagceke akhona ayihlazo. Uma unyathela emagcekeni akhona ungafunga ukuthi ungena esigodlweni se-dracula kwimidlalo yamafilimu asabisayo. Uyamangala uma usufike ngaphakathi emahhovisi usuthola abasebenzi bakahulumeni nokuthi kule ndawo enjena kunabantu abasebenza kuyona.
Kunezindawo zokusebenzela amaphoyisa ezisiza umphakathi eziphethwe ngobudlabha obusabisayo. Amadeski namashalofu ahlephukile, izitulo nenye impahla iphukile nokunye ukunganakwa okunhlobonhlo kwizindawo zokusebenza zamaphoyisa.
Kunondabazabantu oseningizimu yeTheku engingenakumgagula lapha, izindlu zangasese zomphakathi zingcole ngendlela ekufikisela amahloni nokudabuka. Uma uthi ungena kuzo uvele uthi nhla ubuyele emuva, uncamele ukuzibamba kunokuthi ungangena kuzo. Abasebenzi balezi zikhungo ngabantu abansundu, nesikhulu esiphethe umuntu onsundu. Kufika zonke izinhlanga kulesi sikhungo. Ingabe bake bathini uma bebona into enjena kube kuyithi esinsundu esiphethe?
Izikhungo eziningi zikahulumeni aziphethwe ngobunono. Okudabukisa kakhulu iningi lazo lingaphansi kwabantu abansundu. Siyacela uhulumeni angenelele. Kubi!
Thamsanqa Zama
UMlaza