MHLELI: Kwelliwela umfula ugcwele ngicela ukusika elijikayo mayelana nezindleko zokungcwaba izikhulu nosaziwayo eNingizimu Afrika.
Uma kushone usaziwayo noma usopolitiki uzwa kukhulunywa ngomngcwabo osezingeni likahulumeni .Akukaze kuthiwe imali yokungcwaba usopolitiki ayikho. Umbuzo-ke uthi kungani bengabanjelwa imali yabo kamasingcwabisane wabo kwazise kukhalwa ngokuthi imali ayikho neqembu elibusayo kuthiwa linenkinga yokukhokhela izisebenzi zalo. KwelikaMthaniya othisha sebeke basikazwa ngejozi kuthiwa bazodilizwa obekuzokwenza ukuthi ikati lilale eziko. Ngikhuluma nje lelo khasi alikavalwa ngoba kuthiwa kusabikwe inkinga kwabakhulu. Uma belandula kuzokwenzekani? Kuchithwa itshe lemali ngokungcwaba osopolitiki ngonyaka.
Umbuzo-ke uthi liyazi yini izwe ukuthi singcwaba ngamalini ngonyaka esuke ithathwa kusiphi isikhwama ngoba mina angikaze ngizwe abahlonishwa abaphatha umnotho bechazela izwe ngaso. Bayikha ngamafosholo imali ePhalamende ngeke bahlulwe ukungcwabana akungadlalwa ngathi.
Smiso Cele
ePort Shepstone