INKOMBANKOMBANE idlangile kulesi sikhathi esinzima iNingizimu Afrika ebhekene naso.
Kukhona abasola abalandeli bowayengumengameli, uMnuz uJacob Zuma, ngokuphehla udweshu kanti abanye basola uMengameli Cyril Ramaphosa nobuholi bakhe ngesimo esibi esisingethe izwe njengamanje.
Ukuqhubeka kobudlova nobugebengu obenzeka ezweni, abantu bezitapela ezitolo becekela phansi nengqalasizinda, kuyatshengisa ukuthi ikhona inselelo ababhekene nayo abaholi bezwe.
Siyakholwa wukuthi lesi simo esesenze izwe langalawuleka, besingagwemeka nomonakalo ungabi mubi kangaka ukube izwe linabaholi abenza ngendlela umsebenzi wabo.
NgoMsombuluko uRamaphosa uhlawumbisele ukuthi umonakalo ezweni ngenxa yalezi zigejane usungaphezu kuka-R100 billion futhi kusazothatha isikhathi eside ukuwulungisa.
Okubuhlungu kunakho konke wukuthi sekuphume nemiphefumulo njengoba izolo isibalo sabashonile besiku-45.
Singayibala imali sibeke nenani lezinto ezimoshekile kepha impilo yomuntu kayibalwa, yinye vo.
Ngeke size sinanaze, lokhu okwenzekayo wubudlova, wubugebengu futhi kuyihlazo kepha siyabusola ubuholi ngokudembesela ukuthatha izinyathelo nezinqumo ezinqala ukugwema lesi sibhicongo.
Ngenkathi kuqala imibhikisho yokweseka uZuma ngeledlule, ubuholi buhlulwe yini ukuthatha izinyathelo ngoba bekucaca ukuthi kukhulu kuyeza.
Ezinkundleni zokuxhumana bebephawula udede abantu ngezinyathelo abazozithatha kodwa iziphathimandla zona lutho ukugwema lokhu.
Manje sesinomonakalo okuyothatha iminyaka ukuwulungisa, ngeshwa eminye imindeni engeke ikwazi ukuwulungisa.
Nomengameli wezwe akakhuzanga ngendlela enobuqotho nobuhlakani bomholi njengoba ethe lezi zibhelu zinenhlese yobuzwe.
Kuyimanje kuyakhonjwana, kuyasolwana kuyagxekwana ngesimo sezwe, obekungagwemeka ukube sinabaholi abakwaziyo ukulalela bafeze izidingo zomphakathi.