Ukuzinakekela
Image: SIGCINIWE
KULE mpelasonto esisuka kuyo besinomhlangano wabasebenzi bezempilo, ikakhulu bekungodokotela, ososayensi bezokudla, abahlengikazi, nezinye izinhla ezehlukene.
Bekunoxhaxha lwezikhulumi zishiyelana inkundla eminxeni eyahlukene. Bonke bejikeleza emzimbeni wakho. Akekho noyedwa kulezi zikhulumi oke wangena wajula embangeleni yezifo ezihlasela imizimba yethu. Akekho noyedwa oke wakhuluma ngokudla okungena emzimbeni kunyakazise zonke izindawo,ezisemzimbeni.
Wonke umuntu ukhuluma ngemishanguzo ekhona nezayo. Kukhulunywa ngobuchwepheshe obusha osebukhona. Ngiye ngathi ngihlezi ngibukela, benginesiqiniseko sokuthi abantu abenza le mishanguzo bayajabula bayatshakadula bebona umsebenzi abawuhlalela phansi bawubopha ukuthi cha izinto zihamba ngononina kuwona.
Kuyamangalisa, empeleni kubuhlungu ukubuka abantu bakithi bekhuluma begcizelela beqhakambisa izinto ezilokhu ziqhubekile ziqinisekisa ukuthi imingcwabo ilokhu iqhubekile. Iqiniso lithi izifo lezi esafunzwa kwathiwa ngondalashe, amahlalakhona, ngosifanaye, iningi lazo liyelapheka liphele.
Lapha ngikhuluma ngesifo sikashukela, lapha esichazwe njengesizolokhu siqhubekile sibulala, sivala amehlo, sidala izilonda ezinukayo, sidala amakhanda angapheli, umqondo ophundulekile, umzimba nomlomo onephunga, ukungabatholi abantwana, sibulala izinso, isikhumba sabantu bakithi siyashintsha sibe maholoholo, ngingabala ngifikephi? Ngikhuluma ngesifo somfutho wegazi ophezulu, isifo senhliziyo, ziningi lezi zifo!
Akekho noyedwa omayo athi lezi zifo zidalwa ukudla esikudlayo, zidalwa ukungalali ngendlela efanele. Akekho ogcizelele ubungozi bukashukela i-fructose okuyiyona eyenza ubumnandi obuwuswidi. Akaze abe khona!
Ngifisa ukuphinda ngigcizelele ngithi isifo esihamba phambili ekubulaleni abantu bakithi isifo sikashukela, kuhlanganisa nazo zonke izifo ezihambisana naso - okungaba umfutho wegazi ophezulu, isifo sohlangothi (stroke) nezinso ezingasasebenzi. Abantu bakithi abangcwatshwayo mihla le, imbangela yalokho yilezi zifo. Ngeke ngibashiye abantu abashona ngenxa yomdlavuza. Ukugcina kwami ngibona izibalo zazithi babalelwa ku-2000 abantu abashonayo ngosuku ngenxa yomdlavuza uwodwa.
Iyini imbangela yokufa okungaka? Impendulo, ukudla esikudlayo okusiqedayo. Yingakho sikhuluma singesabi ukuthi:
1. Ukudla kwasekuseni, kuwushevu ngokudlulele. Hlukana nako. Bamba isifociya uze uqale ukudla ngehora lesithathu ntambama. Isizathu salokhu? Isikhathi esiningi uma sidla ukudla kwasekuseni, kuba ukudla kwayizolo, izinkwa, ambhanisi, ama-cereals, amagwinya, amakhekhe, itiye okanye ikhofi elinoshukela okanye uju, ama-chips, njalonjalo. Abantu abaningi bazitika ngalokhu kudla ekuseni.
Lokhu kudla kwenyusa ikhemikhali i-glucose egazini. Ukwenyuka kwe-glucose kusho ukukhiqizwa kwe-insulin ezoqoqa le glucose iyovalelwa kwandawo noma kkhiqizeke amafutha ezicutshini zomzimba nasesibindini. Yila mafutha adala isibindi sibe nesifo soqilima lwamafutha agcina edale izifo eziyisishiyagalombili. Lezi zifo zihlakazeka umzimba wonke zidale izinhlobonhlobo zezifo, okukhona kuzo nesifo somdlavuza.
Njengoba sibona asikhulumi ngoshevu owenziwa yi-fructose emzimbeni namafutha adalwa yiyona esibindini. Imizimba yethu ikhathala kangaka nje yilo shukela owuswidi okuthiwa yi-fructose ebulala i-mitochondria eyinjini yamandla omzimba.
2. Asehlukane nokudla sekushaye ihora lesikhombisa. Umzimba uyaphumula emuva kwaleli hora. Konke okudlayo kuzodala amafutha esibindini bese kudaleka izifo.
3. Asehlukane nokuxubha ngomuthi lona othengwayo, asisebenzise umlotha wezinkuni kuphela uma sikolobha umlomo namazinyo.
4. Asizifundise ukulala amahora ayisishiyagalombili zonke izinsuku, singasishintshi isikhathi sokulala sansuku zonke.
5. Kuhle ukuthamela isigcaki ilanga liphuma zonke izinsuku, imizuzu engu-30.
6. Asihambahambe ihora nemizuzu engu-30 zonke izinsuku endaweni evulekile.
7. Kubalekele ukugqolozela ithelevishini nokuhlala ubuka umakhalekhukhwini.
8. Isifo sikashukela sihamba phambili ngokubulala, uma kungukuthi bese ususijovela yiya kudokotela wakho ucele okungenani ukusebenzisa okunye. Umjovo kashukela ushevu omkhulu, uyakuqedela, udale nomdlavuza.
9. Zifundise ukupha nokuxolela, kokubili kuzokuphilisa kangcono
10. Hlukana nokudla ushukela nokudla okunoshukela, ngisho ngabe owahlobo luni. Khumbula ukuthi ushukela ubizwa ngamagama angaphezu kwangu-50.
Mpilonde!