ISABELOMALI soMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, sibeka phambili izinhlelo zokuthuthukisa ingqalasizinda nokuguqula impilo yabantu, phezu kwezinselelo zokuntenga komnotho ezilethwa wubhubhane lweCovid-19.
Umnotho womhlaba nowezwe uyadunguzela ngenxa yobhubhane lweCovid-19. Lokhu kuphoqa ukuthi sonke senze izinto ngendlela ehlukile futhi sibheke imikhakha engakwazi ukuba yinsika yomnotho namathuba emisebenzi. Yilokhu okwenza umkhakha wezokwakha nowezokuthutha ibe ngeminye yemqoka ukutakula izwe nesifundazwe sethu kulesi sikhathi esinzima.
Ngeledlule sethule kwisiShayamthetho isabelomali somnyango sikaR11.6 billion, lapho sibeke khona ingqikithi yezinhlelo esinazo zokuthuthukisa lesi sifundazwe.
Phakathi kwezinto ezimqoka esizethulile wukuqhubeka nohlelo lwethu IGULA, okuwuhlelo lokuguqula isimo sezomnotho nokuvula amathuba kubantu abamnyama. Sikuvezile ukuthi kule minyaka edlule sesikwenze kwaba semthethweni ukuthi * -35% wemisebenzi emikhulu, kumele inikezwe abamnyama, abesifazane, omakadebona bezempi nezinkampani zabantu abasha.
Esigabeni esilandelayo salolu hlelo, sizogxila ekwakheni nasekuthuthukiseni osonkontileka abamnyama ngaphansi kohlelo olubizwa ngeContractor Development Model. Ngaphezu kwalokho sizohlela kabusha ukuhlinzekwa kwezinsiza zokwakha umgwaqo ukuze zihlinzekwe imiphakathi yalapho kusuke kufakwa khona intuthuko.
Sizophinde sakhe amathuba emisebenzi kubantu abasha njengoba sinohlelo olubizwa ngeVukayibambe Routine Road Maintenance Programme.
Lolu hlelo luzovula amathuba emisebenzi kubantu abasha abangu-4 000 kanti ohlelweni iNational Youth Services sizoqasha abantu abasha abangu-850. Lokhu kungaphezulu kwabantu abangu-52 000 esizobaqasha ngaphansi kohlelo
lwe-EPWP.
Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda
Imali eningi siyitshale ekuthuthukiseni ingqalasizinda yokwakhiwa nokulungiswa kwemigwaqo namabhuloho.
Sibone kumqoka
ukuba sizame ukulinganisa imali esiyitshala ekwakheni imigwaqo namabhuloho amasha kanye naleyo esiyihlinzekele ukulungisa lokho osekukudala nosekuphelelwa yisikhathi.
Ngenxa yomthamo omkhulu wezimoto nemithwalo njengoba sinamachweba amabili eThekwini naseMhlathuze, lokhu kunika isisindo esikhulu imigwaqo yesifundazwe.
Sihlinzeke imali enguR8.3 billion ekwakheni nasekulungiseni imigwaqo yesifundazwe. Lokhu kuzovula amathuba omnotho futhi kudale amathuba emisebenzi.
Kule mali ingxenye enguR3.7 billion izohlinzekwa ukwakha imigwaqo emisha bese kuthi enye enguR3.7 billion iye ekulungiseni imigwaqo ekhona ukuze ibe sesimeni sokuhambeka.
Sizophinde eminyakeni emithathu ezayo sakhe amakhilomitha angu-229 amasha etiyela, siphinde sinakekele nemigwaqo ewubhuqu esezindaweni zasemakhaya engamakhilomitha angaphezulu kuka-25 000 minyaka yonke. Sizophinde kule minyaka emithathu sakhe amabhuloho
angu-33 ezimoto nangu-27 abahamba ngezinyawo.
Ngaphansi kwesivumelwano esisakhe nombutho wezokuvikela iSouth African National Defence Force, sizokwakha amabhuloho amancane
angu-14 kulo nyaka wezimali ngemali enguR110 million.
La mabhuloho azobhekela kakhulu ukuxhumanisa abafundi nezikole nokuxhumanisa imiphakathi nezikhungo ezimqoka.
Ngokubambisana nenkampani kahulumeni iSanral, sizoqala umsebenzi omkhulu wokunweba uN2 noN3.
Nakuba lokhu kuzodala isiminyaminya, ikakhulukazi phakathi kweTheku noMgungundlovu kodwa kuzoba wusizo eminyakeni eminingi ezayo futhi kuzovula amathuba omnotho.
Uguquko kwezokuthutha
Imboni yokuthutha yamabhasi axhaswe uhulumeni ibilokhu isiza imindeni ethile embalwa nokuyiyona ebiqhoqhobele izintambo zomnotho. Siyakuguqula lokhu futhi sesiqalile ukusabalalisa ukuhlomula kwabantu abamnyama emkhakheni wamabhasi.
Kumanje sinezinkampani ezingu-11 zabantu abamnyama, nsuku zonke zengamele amabhasi angu-220 kulolu hlelo njengoba sitshala kulo imali engaphezulu kukaR272 million.
Esigabeni esilandelayo salolu hlelo, sihlela kabusha ezokuthutha nokuhlinzeka amabhasi kulezo zifunda ebezisalele emuva. Nakhona kuzohlomula kakhulu abantu abamnyama.
Ohlelweni lokuthuthwa kwabafundi nakhona sesiphothulile ukuqoka izinkampani ezizothutha abantwana besikole. Iningi lalezi zinkampani ngezabantu abamnyama futhi siyaziqhenya ngokuthi ingxenye enkulu yemali enguR366 million izohlomulisa abantu ebebencishwe amathuba bese kuthutheka mahhala abantwana abangaphezulu kuka-59 000.
Uzinzo embonini yamatekisi
Mukhulu kakhulu umsebenzi osuwenziwe ukutshala uzinzo nokuthula embonini yamatekisi kulesi sifundazwe.
Kososeshini abangaphezulu
kuka-246, bancane
kuphela abasabhekene nezimpi zangaphakathi nezemizila. Sizoqhubeka nokusebenzisana nemboni ukuyiphucula isebenze njengawo wonke amabhizinisi, kuphele ukuqhuma kwesibhamu. Selokhu savula amahhovisi amasha okukhipha izimvume zokusebenza (Operating Licenses), umehluko uyabonakala.
La mahhovisi ayasebenza eMnambithi, eMpangeni, KwaMhlabuyalinga nasePort Shepstone. Nelikhulu eMgungundlovu liyasebenza.
Kumanje siphuthumisa ukuvula elaseThekwini ukuze kube lula ukufinyelela kulolu sizo. Kumanje sesikhiphe izimvume ezingaphezulu kuka-18 000. Kumele sibambisane ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu osebenza embonini usebenza ngokusemthethweni.
Ukuphepha emgwaqweni
Sizibophezele ukuqeda izingozi nokufa kwabantu emgwaqweni.
Noma isimo sokuziphatha kwabashayeli singagculisi futhi sikhomba ukuthi usemukhulu umsebenzi osihlalele kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukwenza umehluko. Sizokwandisa isibalo samaphoyisa omgwaqo, siphinde sibe nohlelo lokuqinisa umthetho.
Uma sithi ukuphepha emgwaqweni kungumsebenzi wethu sonke, sisuke siqonde ukuthi wonke umuntu ngamunye uneqhaza okumele alibambe ukuze siphephe emgwaqweni.
- UBheki Ntuli uNgqongqoshe wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal.