MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ngibona uMengameli Cyril Ramaphosa (osesithombeni) esehlulekile, sekusele inkani nje.
Usefisa ukuthi bamxoshe naye, akukho asangasenzela khona. Uyabona ukufika kwakhe kusizele nezinkinga eziningi eNingizimu Afrika.
Ngingabala inzondo nodlame okubhekiswe kwabokufika, ukuphela komsebenzi, ukungavuleki kwamathuba omsebenzi, ukwenyuka kwentengo yokudla, kaphethroli, nentela, ukucishwa kukagesi, njalonjalo. Ngingabala kushone ilanga, yikho ngithi uRamaphosa usehlulekile futhi leli lizwe alisenalo iphambili, limile nje endaweni eyodwa.
Ngelinye ilanga uhulumeni waseNingizimu Afrika uyobona kudala ukuthi abokufika yibo abayimbangela yokucwilisa lo mkhumbi waseNingizimu Afrika. Emabhizinisini nasemsebenzini kukhonya bona. Abakuleli sebehlala bebalisa nje njalo. Okubuhlungu noma ungafunda, uhlala naso ekhaya isitifiketi sakho.
Emsebenzini abafuni ukusikhuphulela imali, balokhu bethi umnotho wehlile. Sidonsa kanzima kuleli lizwe. Ngenkathi i-ANC ithatha izwe ngo-1994, sasinethemba lokuthi sophila kangcono kanti siyazikhohlisa.
Abaholi be-ANC bahlala bekhuluma minyaka yonke ukuthi bazovula amathuba omsebenzi.
Ngikhuluma nje kunoThuma Mina kodwa bathunywa uma kwenziwani?
Sidonsa kanzima kanjena nje, kuzophela iminyaka engu-26 sathola inkululeko. Okuhamba phambili ukubulalelana izikhundla, inkohlakalo, ukucinywa kukagesi nemibhikisho. Ingabe yikho lokhu esakuvotela?
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
eMpangeni