ITHEKU linesitetelegu sephathi kule mpelasonto. Abanamahlala khona bazoshiya phansi imbulukhesheni baye ececeni lapho kudibene khona ingwe nengonyama enkundleni yeNdebe yoMhlaba ka-2010.
IMoses Mabhida yisona sigcawu somgangela ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abazobe bebanga isicoco seNedbank Cup kulo mngcwekiswano wamanqamu. Izinhlangothi ziba mbili, zombili zikloloda ngomlolozelo othi 'Yebuya Hobhe'!
Ukududulana kwalezi zinqama kunamandla okuvukuza impikiswano engapheli ezweni lonke. Kunamandla okuklaya phakathi imindeni, ngisho phakathi kwabaganene kwakheka imithangala uma nje bezithola belandela la maqembu ngokwehlukana.
Icece langoMgqibelo liyakezela ngeveyili ehlukile enemihlobiso okuyiyona ekhanga izibukeli njengoba kade ziphume ngezinkani ziyophuthuma amathikithi okungena emthimbeni - abaningi baphoxeka bebuya belambatha. Owangomhlomunye umgidi uhlobe uyayikazela ngenxa yokuthi lena yifayineli engandile njengoba eminyakeni eminingi edlule lezi zinkunzi zaseSoweto bezingasahlangani kalula emidlalweni yomkhumulajezi kuleli zinga.
IChiefs ilambele noma hlobo luni lwesicoco ngoba sekuyohlangana ishumi leminyaka leli qembu elithandwa njengomakoti omncane esithenjini lingaluthi mbibi ubhedu lwezingqwele. Ngapha, iPirates ingompetha baso futhi uma iphinda isithatha iyobe isizakhela irekhodi elisha lokusidla kathathu kulandelana. Bese kuthiwa chwa ngocuphuchuku esicongweni salo mdonsiswano wokuthi la maqembu abetholene ngoMgqibelo owedlule. Kuleso siphihli sase-FNB Stadium kube khona abasala nemihuzuko, abanye baphuma imisila ime mpo. Ukwehlulwa kweZimpofana isibili ezinsukwini eziyisikhombisa sekungaba ludume lwengozi. EZimnyama zizihasha ngenkani nazo. Singathi nje uma lungashiphanga ufudu eMoses Mabhida ngoMgqibelo kalusophinde lunukise. Ushiphile noma uskulpati, iTheku lizobe linentundabebhekene yecece.