UMGUBHO kaJuni 16 walo nyaka ozoba ngoLwesine. Uzobe usho ukuphela kweminyaka engu-47 abafundi baseSoweto baqopha umlando bejamelana nohulumeni wobandlululo ngo-1976. Kuvamile ukuthi lolu suku lugujwe minyaka yonke, kubonakale abantu befake imifaniswano yesikole bekhumbula amaqhawe asukuma alwela imfundo yawo. Kugcina kuba wukugqoka nje, sengathi kuyodlalwa isikeshi kuphela, akukho okutheni okwenziwayo ukuthuthukisa intsha.
Osopolitiki bayazi ukuthi bazovele babhale inkulumo engamakhasi ambalwa bayethule ngalo usuku, bathembise izinto abangeke bazifeze kuphele kanjalo. Bayazi ukuthi akukho muntu omusha ozobahloma imibuzo alandele ukuthi izithembiso ziyafezeka yini. Izinhlaka zentsha emaqenjini ezepolitiki zithule, akusaziwa noma zikhona noma kade zafa. Amaqembu ezepolitiki nawo athule nje, kawakhathazekile ngokuthi kawanayo intsha enomdlandla emaqenjini.
Umzabalazo wamanje awusafani nowentsha yango-1976. Owamanje wumzabalazo wenkinga yokungena ezikhungweni zemfundo ephakeme namathuba emisebenzi. Intsha eningi manje ayisebenzi, enye yayo ineziqu kodwa ihleli nazo emakhaya ngenxa yokungaqasheki. Yini engenziwa yintsha ukusukumela lesi simo njengaleyo ka-1976?
Intsha yikuphi eke yakwenza ukukhombisa ukuthi iyafisa ukuthi izinkinga zayo zisukunyelwe? Intsha yango-1976 yangena emlandweni ngoba yasukuma yathatha izinyathelo, isikhathele wuhulumeni wobandlululo. Sekungcono kakhulu manje intsha isinezindlela zobuchwepheshe eziningi lapho ingazwakalisa khona izinkinga zayo nemikhankaso yayo. Sekufanele kuphele ukuthi lolu suku lube wusuku lwesikeshi, bese kuphelakanjalo. Sekufanele intsha ibuze osopolitiki abazofika begqoke umfaniswano ukuthi benzani ukufukula intsha. Sukumani bantu abasha nihlukane nesikeshi ngoba kuthiwa ukusinda komthwalo kuzwakala kowuthwele.