sidingida umthetho noMpumelelo Zikalala
INYANGA u-Ephreli ibalulekile emlandweni wenkululeko yaseNingizimu Afrika, ngoba inyanga lapho abantu beba nomuzwa wokukhumbula isikhathi sokuyovota bekhetha uhulumeni othandwa yiningi.
Kuthe uma ifika inkululeko, yafika noMthethosisekelo oqhakambisa kakhulu inkululeko. Inkululeko yokukhetha, wenze uphinde uziphathe ngendlela othanda ngayo wena.
Inkululeko ngokoMthethosisekelo: -
Isigaba 12, esikhuluma ngelungelo lokukhululeka ungavinjwa ukuthi wenze izinto. Inkululeko yokuthi ungaboshwa ungachazelwanga ukuthi uboshelwani, singasikhohlwa nesigaba 35 esilanda kabanzi ngokuphuma kwabasolwa nokunanakelwa kwalabo abasuke beseboshiwe.
Isigaba 15, esiqinisekisa ilungelo lokukhetha ngenkululeko uhlobo lwenkolo okholelwa ukuthi ikhuluma nonembeza wakho. Inkululeko yokukwazi ukuphawula ukhuluma okuthandwa nguwe inqobo nje uma ukwenza ngenhloniphi, ulalela abanye bese ugxeka ngenhlonipho.
Isigaba 16 esikhuluma ngelungelo lokukwazi ukuzikhethela ukukhuluma noma yini oyithandayo ngaphandle kokushushiswa nokho ilungelo lakho lisebenzise kodwa lingahluthuli omunye umuntu.
Isigaba 18 esikhuluma ngokuzikhethela nokuzihlanganisa namaqembu ezepolitiki, amasonto, izitokofela nokunye. Isigaba 21 esikhuluma ngelungelo lokukwazi ukuhamba ngendlela ofisa ngayo. Sivale ngesigaba 22 esikhulma ngelungelo lokukwazi ukusebenza, ukhethe umkhakha othanda ukusebenza kuwona.
Lezi zigaba zibuyisela amandla abantu, ziletha ilungelo lokuzikhethela ngokwentando yakho nezogculisa wena. Konke lokhu okuletha inkululeko yokukhetha bekungekho phambilini. Ukuphiwa amandla kuza nokuziphatha kahle noma ukuqikelela ukuthi ilungelo lakho lenkululeko yokukhetha okufunwa inhliziyo yakho ulisebenzisa kanjani.
Ukunqindwa kancane kwamalungelo anenkululeko phakathi: -
Wonke la mandla enkululeko esinawo kumele kube khona indlela yokuwanqinda amandla, uma nje isidingo sokunqinda sikhona. Isigaba 36 soMthethosisekelo sihlanganisa amandla amalungelo. Okumele kusicacele ukuthi kuyanqindwa nje nokho kukhona okunye okusalayo. Umgudu olandelwayo uthi, asibheke ilungelo, ukubaluleka kwalo, ububanzi nobunzulu belungelo kanye nezindlela eziningi okuncishiswa ngazo lawo mandla. Uma kungabonwa ngaso linye, inkantolo iyona ewumqalumajuqu enqumayo uma kungabonwa ngaso linye.
Amathuluzi okulwa nokuntshontshwa kwamandla:-
Iningi livele lithule uma lincishwa ithuba noma isikhathi selungelo lenkululeko kanti uMthethosisekelo wethu ubeke amathuluzi amaningana okulwa nokuncishwa ilungelo. Uma kunguhulumeni olinqindayo ilungelo lakho lokukhululeka , zikhona izinhlaka zikahulumeni ezivikela ziphinde zisekele uhulumeni okhululekile wentando yabantu lapha ngibala uMvikeli woMphakathi, isikhungo iSouth African Human Rights Commission, isikhungo iCommission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communities, iCommission for Gender Equality kanjalo noMncwaningi Mabhuku.
Zonke lezi zinhlaka zithi, ngisho ungangaba nemali kodwa usukhathele ukuxhashazwa kudliwa amandla akho thina sizokulwela ukuze izikhungo neminyango kahulumeni kusebenzele wena.
Akugcini lapho, emphela ndaba yisenkantolo, lapho sikwazi sonke ukuya khona siyioqinisekisa futhi sicele ukuvikelwa yilabo okumele basivikele. Omunye uzokhala athi abameli bamba eqolo, akulula ukusebenza nabo. Kumele sikhumbule ukuthi kunalezo zikhungo zikahulumeni okungakhokhwa ngisho nesenti ukuthola usizo kuzona kanti nabamela abahlwempu iLegal Aid South Africa bakhona ukuletha izinsiza kusebenza zomthetho ebantwini.
Ukufundiswa ngamalungelo enkululeko nokunanakelwa kwawo:-
Ukuze wazi ukuthi kukhona la unyathelwe khona kumele wazi ukuthi yikuphi okunyathelwayo, kanjalo ukuze wazi ngelungelo lakho kumele ulazi ukuthi liyini futhi ungaliqhakambisa kanjani. Yilapho sisala khona thina, ukufundiswa ngamalungelo kuyagqoza kuze kuhambe ngonyawo lonwabu.
Uma izingane zethu zingase zazi ngobukhona nobubanzi bamalungelo njengoba zazi imidlalo yethelevishini, amadoda azi amalungelo njengoba azi ukuthi yiliphi iqembu lebhola ebelidlala ngale mpelasonto, abesimame bazi ngawo ukudlula ukwazi ukuthi indali ingakuphi, yilapho siyobona ukuthi konke kuhamba ngohlelo.
Ukufundiswa ngamalungelo kufana ncamashi nokufundisa inhlonipho, kumele kuqale ekhaya kuyima kukapakela ngaphandle. Uma singazi ngamalungelo, ikakhulukazi lawo athinta inkululeko, siyokwazi uma sesibadala ukuthi akekho umuntu ozocanasa emakhanda ethu elokhu ebhubhudla ubukhona bamalungelo ethu.
Osopolitiki ngeke ngabashiya ngaphandle, izimfundiso eziqwashisa ziphinde zivule umqondo kumele zibe khona, nokukhankasa kungonakele lutho nakho kube into ejwayelekile.
Ukuqala kokubuya kwamandla omnotho, kuqala ngokwazi ukuthi yikuphi okumele kube okwakho njengoba uphila nje. Asifunde, sifundise, sivikile, siphinde sithuthukise amalungelo ethu ngokwenza okusikhulisayo ngasosonke isikhathi, asingagejwa amalungelo ethu.