MHLELI: Ngokwenkolo yobuKristu iyavuma ukuthi ingane yakho uyethuse ngoswazi uma iphume endleleni. Nangokwesintu nje lokho kuyingxenye yempilo. Nangaphandle nje kwalokho engikubalile kuyimvelo ukulawula ingane ukuze ikhule izihloniphe ihloniphe nomphakathi.
Ngifisa ukukusho kugcwale umlomo ukuthi le mbudane yombhedo yomthetho wokuvalwa kwenduku ezinganeni zethu yitulo leqeqebana lokwakha isizwe esingenamthetho, esingahloniphi abazali esingalawuleki. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi ukubhaxabulwa nokubulawa kothisha ezikoleni ngabafundi imbangela yalokho ukuvala induku othisha sebeyazisaba izingane.
Yingakho ngihlale ngisho ukuthi yigama nje ukuthi sikhululekile sisaphethwe yidlanzana elishaya imithetho. Uma ngingazibuzela nje ngesikhathi sobandlululo wawungashaywa ngani umthetho wokuhushulwa kwezisu? Owokuvalwa kwenduku ezikoleni wona wawungashaywa ngani? Hlakaniphani bantu abamnyama kulinyazwa ubuchopho bezingane zenu la. Kwakhiwa isizwe esingalawuleki niyongibuza ningiphale ulimu eminyakeni eyishumi nanhlanu kusuka manje.
Abaholi ePhalamende sebaphilela ukujabulisa iqeqebana labamhlophe, kungani bengavikeli abakubo kule mithetho ebhedayo?
Akukho ngane ekhula ihlukumezekile uma ishaywa ekhaya. Thina asihlukumezekanga ngani? Yimfundiso yabelungu leyo ingane iyashaywa nje kwaphela.
Zithembe Ngobese
Enquthu