MHLELI: Izwe lakithi eNingizimu Afrika lihlaselwe isihlava esibi esinyantisayo sokubulawa kwabesifazane nezingane bebulawa ngabantu abathi bayizithandwa zabo.
Kepha-ke uma sifuna ukulungisa izwe kuhle silibheke iqiniso macala wonke singambambathi bantu bakithi.
Isinqumo sokuthi ubulale umuntu omthandayo nabantwana bakho yingoba vele uyazazi ukuthi uyisehluleki ,wasizwa amakhathakhatha nosisi bakho nobabekazi bakho ukuthi akuthande.
Wena isisoka usuke ungenaso, ulimu lwakho lumbaxa mbili.
Bantu baseNingizimu Afrika lezi zinto engizibalula ngenhla yizinto engicabanga ukuthi nazo zingaba yimbangela yokuba odadewethu nomama bethu bebulaliswe okwezimpukane.
Amadoda aqotho asekhona, siyacela ukuthi lapho sihlangana khona noma ikuphi ke sixoxe le ndaba khona umuntu ezosizakala, ezoshintsha umqondo mhlawumbe naye obesecabanga ukwenza okubi.
Angifuni nje nokuyifaka eyamaphoyisa nejele ngoba akumele nokuba kuze kufike nje lapho.
Angihambisani nokuthi sekwanele ngento embi kepha ngithanda ukuba ivinjwe iphele, singabheki ngale kwayo ukuthi kumele kwenzakeni.
Mpha Omnyama Shabalala
EMnambithi, kwaMteyi