Mbuso Khoza
KUSEYINYANGA ebungazwa njengeyothando, ngibone kumqoka ukuba ngijwaphune kulolu daba oseluphenduke imfashini, elokuthatha amakhosikazi evile kweyodwa. Ukuthembuza!
Uma ubheka imilando ehlukahlukene yesithembu, uyathola ukuthi kwezinye izizwe kwakuba yiqophelo elithize ukuba namakhosikazi amaningi.
Kepha uma ubheka kwelikaPhunga noMageba, uma indoda iganwa yayisuke yethembele kumkayo ukuthi uzokwakha umuzi ngokuletha abazukulu egcekeni, kukhule isibongo. Uma umlotsholwakazi enenselelo yokuthi akaphiwanga inzalo, esikhundleni sokuthi kube yisici lokhu, yena umlotsholwakazi wayephuma ayokweshelela umyeni wakhe intombi, ezogana izale izingane ezizongena esiswini sakhe, ukuze ezoba negunya lokuzala indlalifa noma inkosana.
Kwesinye isikhathi kube nesibonakaliso esithi umfowabo kamyeni wahamba emhlabeni engakaganwa, bese kucelwa wena ophilayo ukuba umganelwe.
Lokhu kwakwenzelwa ukugwema ulaka egcekeni ngoba abakwamoya kusuke sekukhona abakubonayo, okuwugcobho ekhaya.
Kwesinye isikhathi uthola ukuthi ngenxa yokuthi imizi yasendulo yayiba ngamanxuluma ihlobe ngemfuyo eningi, kwakugcina kuphoqa ukuthi kube khona ozogana khona azale ukuze kwande ikhaya nemfuyo ithole abelusi. Kanti nokwanda komsindo egcekeni, kuyisibusiso kwabakamoya.
Inkinga ithanda ukuqonga kuhle kwembuzi ima ngezinyawo zangemuva igadla, uma ubona abantu bethatha isithembu njengento efana nokukha isithelo esihlahleni.
Empeleni ukuganwa akushukwa njengensangu, kuyaye kuhlale phansi umndeni unqume okuningi ngoba kusuke sekuza ingane yakomunye umuzi engaziwa ukuthi iza naziphi izinkinga, ezinjengokugula noma imimoya yakubo ezodala izinxushunxushu ekhaya.
Yingakho kuye kube khona ukuthethwa kobulandu lapho kuxoxwa kuchazwa kabanzi ngempilo kamakoti. Njengokuthi uma egula noma enesanyela kungathiwa uyavilapha. Ngakho ukuganana kwabantu, akuyona into encane.
Yingakho isithembu kwakuba ngunkosikazi oseganile lapha egcekeni, owayeba negunya lokubonisana nomyeni wakhe ngomuntu oza kwabo njengoba negama lisho, uza kwethu.
Sekuqala ukudida uma lolu hlobo lokuganana seluphenduke umbukiso nokutetemuka ngoba asilula neze isithembu. Uma ubheka umlando waso kwakungeyona into efana nokujola.
Obunye ubufakazi bokuthi kwakucoshelelwa uma kugananwa, kwakuthi uma unkosikazi efikelwa yisimo sokungasakwazi ukuya ezinsukwini zakhe, lokho kwakusho ukuthi idosha ngeke lisakwazi ukuthimulisa, kwakuba nguye futhi owesifazane owayenza imizamo yokuhlenga ikhaya lakhe ngokuthi asheshe amsondeze neno ozomeseka.
Liphezulu iqophelo lokwethembeka kubantu kodwa liqedwa yisikhathi esiphila kuso. Bheka nje namuhla, uma kugananwa akubhekwa impilo enozinzo kubhekwa izinto eziphathekayo. Knti endulo owesifazane wayekwazi ukuzalela uzakwabo futhi angamtshwelezi uma ingane ikhula afune amalungelo ayo.
Lokhu kwenza ukuthi kugcine kunesiko elithi, ingane iyangena esiswini somunye wamakhosikazi esithenjini, uma engabatholi abantwana omunye. Futhi kwakungelona ihlazo!
Le nto izishaya sakusisa ngoba namadoda ayekwazi ukulekelelana ukuze ikhaya lime.
Imali ingakuthenga konke okudingayo kepha ayinamsebenzi walutho ngoba uma kungaphela ukudla emhlabeni kushe wonke amahlathi, imali ngeke yasondla. Kepha iyisilinganiso salokho okudingayo.
Cabanga uma singathola indlela yokubuyisela isithembu esizotheni saso, ngokuqonda izizathu zaso. Kunobungozi obukhulu ekubukiseni ngesithembu ngoba munye umuntu esimtotosayo, yindoda.
Kuneshwa noma ishangusha leshobolo kithi ndlu ensundu lokubukisa ngamasiko ethu nemikhuba, okugcina kusenza omandukulu. Ayikho into emnandi ngesithembu uma uke waba yingane phakathi kwaso.
Yingakho kuthiwa indoda eganwe yisithembu ayikwazi ukuba yidlozi ngoba lelo khaya liba nezinkulumo ezingapheli kuze kusebenze nephukeshe, kudliswane. Sinephutha ndlu ensundu ngokwenza isithembu into yezingane.
Umendo nje ojwayelekile lapho kunomama oyedwa egcekeni, nakhona azipheli izibhelu.
Ngakho kumqoka ukufundisa kabanzi ngesithembu nekhanda indoda okumele ibe nalo, uma inganwe kanjena.