MHLELI: Kwelakho elifundwa yizindimbane zabantu nelizikhipha zisashisa. Ngivumele ngibeke ilaka lami ngenkulumo kamengameli ebeyibhekise esizweni.
Uyabona kudlaliwe ngathi kule nkulumo yakhe ka-2021. Ziningi izinto ezibalulwe nguMengameli wethu uCyril Ramaphosa kodwa ubona ukuthi izinto ezingekho. Engifuna ukukuqinisa kuyo yile ndaba yoR350 ojatshulelwe ngabantu abaningi khathi ethi welula izinyanga zokuholwa kwabo. Kungabe kuhloswe ukuthi sibe ngokhangezile na?
Lokhu ngikubuziswa ukuthi lndaba yoR350 yinhle impela kubantu abangenangqondo, kepha abanengqondo bayabona ukuthi kudlalwa ngathi ngoba imisebenzi yethu ithathwa ngabokufika. Kazi yini esiyikweleta abokufika kuleli lizwe lethu na? Ngoba babukeka bezichanasela kuzo zonke izinkalo zomnotho wethu. Zolo lokhu, kuke kwathiwa inkankane nenkankane alidle umnyundu wangakubo, okungihlekisayo bona abaholi bethu babavikela baze bathi banelungelo lokusincintisa isinkwa esingekho ezweni lethu. Namanje ngisasho ngithi lena yoR350 izosenza abantu abazodla imbuya ngothi, izosenza abampofu nabangazazi ukuthi bazokhalaphi.
Bengilindele ukuthi umengameli uzothi akukhishwe abokufika kuzo zonke inkalo zokusebenzela, laba abangenamvume bayiswe emakubo, ngoba yithi esikhokha intela nesidlala indima enkulu ekufukuleni umnotho wezwe. Ngibabona laba bantu bokufika befana nabantu abazontshontsha umnotho wethu, bawuyise emazweni abo. Bengifisa ukuba isizwe sethu ke-siyihlolisise kahle le ndaba yoR350 ngoba sibhizi sijabulela bona ekubeni imisebenzi ithathwa abokufika. Okumele sikwenze ukuba sibumbane, sibe yimbumba singamesabi uhulumeni, simele iqiniso.
KHABZELA KB MZIMELA
EZWELIBOMVU