ISINQUMO umasipala wethu osithathile sokuthi usiphakele amanzi ngokuwonga, sibe ngesingemnandi neze.
Besikulindele ukuthi imiphakathi yethu ibingeke igculiseke ngaso kodwa kumele sikhumbule ukuthi izikhukhula zakamumva, zishiye umonakalo omkhulu.
Umonakalo ubemkhulu kwingqalasizinda yethu neyoMgeni Water Board, nokwenza kube nzima kubo ukuthi basihlinzeke ngamanzi anele.
Ngakho kubalulekile ukuthi ngiqale ngokuxolisa kakhulu kuyo yonke imiphakathi yethu ngalesi sinqumo esizoba nomthelela kuyo.
Esizama ukukwenza ngukuthi sonke sikwazi ukuthola amanzi ngokulinganayo njengoba sibhekene nalesi simo. Yisimo lesi esingaphezu komasipala wethu, esidinga ukuthi sonke sisebenze ngokubambisana.
Asikubeke kucace ukuthi umasipala wethu unesivumelwano naboMgeni ukuthi ngosuku kwisihlanzimanzi saseDurban Heights, basihlinzeke ngamanzi angu-540 mega litres.
Ngenxa yomonakalo emapayipini abo athutha amanzi eNagle Dam, kuholele ekutheni bakwazi ukusiphakela kuphela amanzi angu-500 mega litres.
Lawa manzi kuthi uma esethathiwe emadanyini, bese efinyele kulesi sihlanzimanzi nokuyilapho afike ahlanzwe khona.
Uma esehlanzekile, abe esethunyelwa ezindaweni agcinwa kuzona (resevoirs) ezingu-50, kuyi ma efinyelela emakhaya ethu.
Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi sikuchaze lokhu ukuze sonke sicacelwe ngobudlelwano esinabo naboMgeni Water.
Kumele siqonde nokuthi mungakanani umsebenzi owenziwayo ngaphambi kokuthi amanzi aphume empompini esehlanzekile.
Ngalesi sinqumo esithathiwe, masingabi netwetwe ngoba aboMgeni bayakwazi ukuthi basihlinzeke ngamanzi angu-90%.
Akusho ukuthi yonke into isime nse. Ngakho abantu bakithi bazokwazi ukuthi bathole amanzi uma bevuka, bakwazi futhi ukuthi ngesikhathi santambama bathole amanzi okupheka.
Emva kokuthatha lesi sinqumo, sizame konke okusemandleni ukuthi umphakathi siwazise ngaso futhi sisaqhubeka siyakwenza lokho.
Amanzi azovalwa amahora amane kuphela. Siyawucela umphakathi ukuthi usilekele ekutheni uwonge kakhulu kunakuqala.
Lokho kuzosilekelela ekutheni lesi sinqumo singabi nomthelela omubi kakhulu ebesizoba nawo uma siwasebenzisa budedengu.
Masiqaphele futhi ukuthi amanzi singawakhi kakhulu ngenhloso yokuwagcina, ngoba lokho kungahle kusikhinyabeze kakhulu, mhlawumbe kuze kuholele ekutheni abanye bethu bangabe besathola ngisho iconsi.
Sijabula kakhulu nokho ukuthi aboMgeni sebeyiqashile inkampani ezoqala ukwenza umsebenzi wokulungisa amapayipikazi alimele.
Umsebenzi uzothatha isikhathi esiphakathi kwezinyanga ezingu-10 kuya kwezingu-12. Lokhu kusho ukuthi ukuphakela amanzi ngokuwonga nakho kungahle kuthathe lesi sikhathi.
Ukukhombisa ukuthi uhulumeni uzinikele ekutheni isimo sibuyele kwesijwayelekile, kunekomiti uhulumeni kazwelonke ayalela ukuthi libunjwe.
Leli komiti libamba imihlangano njalo ngesonto ukudingida kabanzi ngokwakha izinhlaka zokuthi ukuphakelwa kwamanzi kubuyele kokujwayelekile.
Lokhu sekulekelele kakhulu ukuthi kuqhanyukwe nezisombulolulo ezinkingeni eziningi. Isibonelo; izindawo ezizithole sezinqanyukelwa ukuphakelwa kwamanzi, kwenziwe isiqiniseko sokuthi kuba namaloli athwala amathangi amanzi acela ku-200.
Kwase futhi kwenziwa isiqiniseko sokuthi kuthengwa amathangi abekwa ezindaweni ezithize emiphakathini eyahlukene, ukuze lawa maloli akwazi ukuthi athele emathangini ukwenzela ukuthi imiphakathi, ikwazi ukuthola amanzi noma ngabe inini uma iwadinga.
Uyaqhubeka futhi umsebenzi wokuthi kumbiwe imithombo yamanzi (boreholes), kuzo zonke izindawo lapho ingqalasizinda ikhahlamezeke khona.
ITheku kulo nyakamali oqalayo, lizokhipha imali eyevile kuR15 million ukumba imithombo yamanzi engu-20, emihlanu yayo esimbiwe sikhuluma nje.
Sihambe ngesikhulu isivinini ukwakha izinhlanka zokulungisa isihlanzimanzi oThongathi namaphethelo. Lokhu kulandela ukuthi naso sicekelwe phansi yizikhukhula zakamumva.
Lokhu kwenze ukuthi indawo yakhona izithole ingasaphakelwa amanzi ngendlela ejwayelekile isikhathi eside.
Sihlanganile nemiphakathi yakule ndawo izikhathi eziningi, ngenhloso yokuchaza ngokwenziwayo ukulungisa isimo.
Lokhu kubandakanya ukuwutshela umphakathi ukuthi bese siyiqashile inkampani ezoqala umsebenzi wokulungisa lesi sihlanzimanzi.
Ngeshwa saba nenselelo yokuthi kube khona inkampani ekhalaza ngokuthi izinto kazihambanga ngendlela egculisayo ngohlelo lokuqasha.
Lokhu-ke kugunyaziwe yimithetho eyengamele ukuthengwa kwezinto wumasipala. Kumanje sisabambeke lapho kodwa siyethemba ukuthi sizosheshe sidlulile kulesi simo.
Nakuba kuyilungelo losomabhizinisi ukuthi bafake izikhalazo uma bengeneme ngendlela izinto ezihambe ngayo, kodwa ezimeni ezifana nalezi, ezithinta impilo yabantu, sizithola sisenkingeni enkulu kakhulu.
Yize kunjalo, sinethemba elikhulu lokuthi maduze lokhu kuzoxazululeka.
Siyaphinda futhi siyaxolisa kakhulu kuyo yonke imiphakathi yethu efana noHambanathi, oThongathi neminye encike kulesi sihlanzimanzi ukuze ithole amanzi ahlanzekile.
Siyacela-ke kubo bonke abantu ukuthi sibambisane njengoba sibhekene nalesi simo.
Sizolokhu siqhubeka siwazisa umphakathi ngakho konke okwenzakalayo.
Siyacela futhi nawo umphakathi ukuthi ujwayele ukuvakashela izinkundla zethu zokuxhumana lapho sikhipha khona izimemezelo.
Amakhansela ethu siyacela ukuthi asilekelele ekutheni aluchaze lolu daba kuyo yonke imiphakathi yethu ethintekile.
UMxolisi Kaunda
OYIMEYA KUMASIPALA WASETHEKWINI