MHLELI: Eminyakeni edlule inkinga yamaqembu ezigelekeqe sasiyizwa ngendaba ngoba yayikhonjwa emalokishini afana noMitchell's Plein, eKapa, namanye aseGoli. Manje sesiyayiphila.
Ngihlala eNanda futhi ngikhulele kule ndawo kodwa ngingasho nje ukuthi sesimane siyasho sithi kuphila abantu endaweni yakithi. Siyizinyamazane uqobo ngoba umuntu ulala eguqe ngamadolo kodwa ebe ethi usekhaya. Ubusuku nobusuku awazi noma uzongenelwa ubulawe. Futhi uma ikhaya lakho lithe ukuqoqeka kunamanye baningi abakuthatha njengozenza ongcono, ugcine usunyamanambana nasezigebengwini ngoba zisola ukuthi uwena obiza abeForum namaphoyisa uma kwenzeka izigigaba zakhona.
Isikhathi esiningi lapha ekubikeni kwenu ezindabeni iminwe eminingi ikhomba igama legenge yeWest, okuyiqiniso yebo. Kodwa la maqembu maningi njengoba kwabona abanye abathi bavikela umphakathi empeleni basuke bevikela izindawo abaqhuba kuzo ubugebengu ngendlela yabo, ikakhulu laba abadayisa iphilisi.
Kumele ngibahlukanise laba abasezinhlakeni zokulwa nobugebengu ngoba owabo umsebenzi wehlukile futhi bayaziwa. Bakhona abanye abashaya sengathi balekelela abe-Forum kanti baphezu komqondo wokuncela ulwazi ngokusebenza kwamaphoyisa. Kunemigwaqo ezindaweni ezifana noMawoti ebuswa abafana abancane abadudana ngezidakamizwa ngokuxhumana nezindawo ezidayisa utshwala ubusuku nemini.
Enginesiqiniseko ngakho ukuthi lezi zingane zinabaphathi bazo abazinika konke ezinakho ngoba azishodi ngezibhamu nazo zonke izinhlobo zezikhali zokusabisa abantu. Uma kusaphele abakunikwa ababaqhubela kule mikhuba, bangenela imizi yabantu benze abakuthandayo ngokuntshontsha njengoba sekwenyuka nezigameko zokudlwengulwa kwabantu nezingane. Angifuni ukuqamba amanga, amaphoyisa asenze konke okufanele ukwenziwa amaphoyisa kodwa iqiniso lithi indawo isibole kakhulu ngoba nabanikazi bemizi ababeqotho abasekho, sekusele zona izingane ezizalwe izolo. Nokho akhona amaphoyisa angahambisi kahle, ikakhulu lawa ayazi kangcono iNanda.
Nanokuthi umuntu usahleli eNanda uphoqwa ukuthi awekho amandla okuthutha ashiye. Sikhalela kakhulu abantwana abazalwayo nabasebancane ngoba uma kungangeni amasosha ashanele zonke izigebengu lapha ngeke isimo silunge. Nabazalwayo bazokhula bangene kuzo izidakamizwa, bajikele abazali babo.
Isakhamuzi
ENANDA