MHLELI: Into eyenziwa ngamaqili esikhonza nawo lapha ebandleni lamaNazaretha yimbi. Lokhu ngikusho ngoba kunabantu abazama ngamandla ukwedukisa izwe nabantu abazofuna ukukholwa ngokweqiniso.
Bese abantu bakholwa ngamanga nangenkohliso balandele izinto ezingekho neziphambene nokulunga.
Ngisho ngoba inkosi Mduduzi Shembe umhlaba wonke uyazi ukuthi yabekwa yizigebengu ukuthi ihole ibandla ngokungemthetho. Kwaphikiswa uThingo nasekutheni lowo owakhethwa ngokwezwi nangokomthetho webandla angaliholi ibandla. Lokho kuholele ekutheni izinkantolo ezintathu zimlahle ngecala.
Laba bantu bazame ngawo wonke amandla ukwakha lesi sithixo sabo baze basakhela nesitifiketi esiwumbombayi, esimenza abe sengathi ungumholi osemthethweni ukuze kukhohliswe abantu abangazi lutho ngalobu Nazaretha. Namhlanje sekuphindile, bakha imikokotelo yemiyezane bathi ungosolwazi womhlaba wonke.
Engifisa ukucacisela umhlaba wukuthi laba bantu sebenamahloni, okuthi isithixo sabo ebebekhohlisa ngaso umhlaba besibiza ngoNkulunkulu, silahlwe yicala, sekumele sehle esihlalweni ebesihlezi kuso ngokungemthetho. Abasazi ukuthi bazothini ebantwini. Yikho sebekhethe ukuzakhela izikole zasehlathini ezizomethwesa imiyezane, kube sengathi ubuholi bakhe busemthethweni.
Nalo qhibukhowe ongumnikazi wesikole wehlulekile wukuchaza into ezwakalayo ukuthi isikole sakhe sinawo yini amalungelo asezingeni lokwethwesa umuntu iziqu zokuba ngusolwazi nokuthi sibhaliswephi isikole sakhe. Umhlaba kumele wazi ukuthi laba bantu abakade bethweswa imiyezane bobathathu okuyinkosi Mduduzi Shembe, inkosi Mqoqi Ngcobo noMfu Friend Nzama balahlwe yicala, baze banikwa umgomo wokuthi bakhokhe zonke izindleko zenkantolo. Sebekhethe ukufihla la manyala abo ebusweni bomhlaba ngemiyezane ewumbombayi.
Naye umnikazi wesikole ungumngani walo uNyazi. Umhlaba okumele ukwazi wukuthi laba bobathathu bebehlonishelwa ukubhidliza nokonakalisa umsebenzi kaShembe. Ngaphezulu kwako konke bahlonishelwa ukuphikisa izwi likaShembe. Ngokuphikisa izinkantolo bakhombise umhlaba ukuthi bona bangaphezulu komthetho wakuleli lizwe. Noma bangenzani abakuthandayo ngesikhathi abasithandayo kodwa umthetho ngeke bawenze lutho.
Okungijabulisayo wukuthi umhlaba uyamazi manje umholi osemthethweni. Ngibonga nephephandaba lethu ngokusinceda lisedlulise ulwazi ebantwini emhlabeni wonke jikelele.
Sakhile Mthembu