UMBHALI: Nickolaus Bauer
ABASHICILELI: Tafelberg
KUSIMI emiphinjeni ukugcogcoma kwamazamazama ezweni futhi kubukeka kusekude ukuthi anqindwe amandla okwenza umathanda.
Intatheli uNickolaus Bauer, iphosa imibuzo eshubile kwabaphethe iGoli, lapho ibuza ukuthi bathule bathini uma idolobha eliyinsika yomnotho wezwe liphelelwa wushatini?
Uma kungewona amazamazama, ukungalawuleki kwezidingo okuhlanganisa ukuphela kwamanzi, ukucishwa kukagesi nokungabi nozinzo kwezokulawulwa kwedolobha, nokuqonga kobugebengu. I-Great Johannesburg, yincwadi ecubungulisisa ukwehla kwezinga lokuphatha idolobha elithathwa njengesikhondlakhondla e-Afrika.
Phakathi kwezinto azigxekayo ukungalawuleki kwesimo sezepolitiki futhi usola ukuthi yingakho kulula ukuthi abantu abaphuma kwamanya amazwe bagcogcome eGoli.
Ubalula isigameko sango-2023, lapho kwaqhuma kwabhidlika umgwaqo eGoli. Kepha uNickolaus uthi inkohlakalo yamazamazama isuka emgwaqweni uMare, oseRoodepoort, lapho kunesidleke samazamazama aphehla khona izimayini ezindala ezingasasebenzi. Wenza isibonelo ngokunukubezwa kwabesifazane okwenzeka ngo-2022, kepha namhlanje kasazi ukuthi kwenzakalani kulezo zigilamkhuba.
Kunesikhathi lapho umphakathi waseKagiso ubhikisha, ukhala ngokuthi uhlezi lubhojozi ngenxa yamazamazama.
Ekhasini 60, uBauer ucaphuna umbiko wango-2016, owenziwa yiMinerals Council of South Africa owadalula ukuthi bangaphezulu kuka-30 000 abantu abavukuza futhi bakhiqize ezimayini ngaphandle kwezimvume. Waqhuba umbiko wathi izwe lilahlekelwa wu-R21 billion ngonyaka ngenxa yamazamazama agcogcoma emini kwa bha!