MHLELI: Kuke kwaba nongabazane ukuthi ubani ozovala isikhala sikaMzokhona ‘Mzokoloko’ Gumede othole amadlelo aluhlaza emsakazweni Ukhozi FM, besuka kwiGagasi FM.
Ngingaqinisekisa abalaleli beGagasi FM ukuthi uFelix Hlophe, uzwakala ezosivala thaqa isikhala esishiywe nguMzo ohlelweni lwasekuseni.
Yize kukuningi okungenze ngazinika isikhathi esanele sokulalela uhlelo The Uprising Gagasi FM oluholwa nguFelix Hlophe, engikuqaphelayo kulo msakazo, ikakhulukazi ohlelweni lwasekuseni, wukuthi luzobuyisa intsha ngoba luzoyifundisa ngemvelaphi yayo.
Phela ngolwentsha, vele lo msakazo udume ngokuchema nayo ikakhulukazi esezindaweni zomnta kabani.
Ngike ngezwa isigatshana esithi NgingumZulu Phaqa.
Lesi sigatshana sisiza intsha engazi ngemvelaphi yayo, ikakhulukazi izithakazelo zayo. Kuningi okuzozuzwa yintsha ezifelayo ngalo msakazo Igagasi FM.
Ngike ngathola ebengingakwazi kulo, ukuthi uSibiya uhlobene noGumede. Lokhu ngikuzwe kulesi sigatshana salolu hlelo The Uprising 6 to 9. Yingakho ngithi kuningi okuzohlonyulwa yintsha yalo msakazo kuFelix Hlophe.
Okumele kwenziwe ngabalaleli wukuthi ke babanike ithuba abasakazi abasaqala ukuzwakala ezinhlelweni ezisindayo njengolwasekuseni nolwantambama.
Khabzela Mzimela
EZWELIBOMVU