IZIFUNDISWA ezimnyama futhi eziqavile zisakhala ngokuthi ulwazi olukhiqizwa emanyuvesi ase-Afrika, kumele luguqulwe lufane nolwabantu abamnyama abafundiswa khona.
USolwazi Pikita Ntuli wake waphawula kwithelevishini ngokuthi amanyuvesi e-Afrika, ngokwezakhiwo akhona kodwa amanyuvesi obu-Afrika ngokwesiko-mpilo owekho eNingizimu Afrika.
Amanyuvesi obu-Afrika kumele akhombise futhi aphakamise isiko-mpilo lase-Afrika emfundweni nasekuhlelweni kwawo. Amanyuvesi obu-Afrika yiwo okumele akhiqize ulwazi nocwaningo oluqhakambisa ubu-Afrika kodwa ngeshwa awamaningi. Amanyuvesi obu-Afrika kumele aphinde akhiqize ulwazi oluzolekelela ekuguqulweni kwezimo mqondo ezimbi ngezwekazi lethu, i-Afrika. Akumele sibe namanyuvesi ase-Afrika kuphela. Kumele sibe namanyuvesi obu-Afrika. Izifundiswa ezimnyama okumele zenze lowo msebenzi azibonwa nangokhalo.
Amanyuvesi e-Afrika okumele abe izizinda zokukhiqiza ulwazi afukanyelwe izifundiswa ezimpisholo ngokwebala kodwa ezivikela noma eziphatha isiko-mpilo laseNtshonalanga, njengezikhali zamaNtungwa.
Isiko-mpilo laseNtshonalanga luvikelwa ngokuthi ulwazi olukhiqizwa kulezi zikhungo zemfundo ephakeme lunika udumo nenhlonipho kwizindlela zokucabanga nezokuphila zaseNtshonalanga. Izindlela zase-Afrika zokucabanga nezokuphila zivezwa njengezidelelekile nezingabalulekile. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi eNingizimu Afrika nase-Afrika jikelele, zisashoda kakhulu izifundiswa ezimnyama ezicabanga ngendlela yobu-Afrika emikhiqizweni yolwazi, phecelezi ucwaningo. Singakusho kugcwale umlomo ukuthi ubuso balezi zifundiswa bumnyama bhuqe kodwa izimo-mqondo zazo zimhlophe.
Injulalwazi uLious Althusser yake yabuza umbuzo onohlonze. Yabuza ukuthi: “Yini efundwa izingane esikoleni?” Lowo mbuzo usabalulekile nanamhlanje. Lombuzo ubaluleke ngoba lokho okufundiswa izingane ezikoleni kunomthelela omkhulu endleleni ingane noma umuntu azibona ngayo.
UKarl Marx, wake wathi: “Laba abasemandleni ngokomnotho ezweni yibona abalawula imfundo nesiko-mpilo lesizwe.”
Imfundo evuna ukubukelwa phansi kwabantu abamnyama idala ukuzibukela phansi ezinganeni. Imfundo yethu eqinisweni isavuna abaseNtshonalanga njengesizinda sodwana sobuhlakani. Ngoba njengokusho kukaMarx abasemandleni (abamhlophe), balawula ulwazi olukhiqhizwayo nolubonwa njengolubalulekile ezweni. Kuzomele sizinuke amakhwapha sihlaziyisise ukuthi lemfundo esiyitholayo iyasisondeza yini na kubuthina njengama-Afrika? Noma ilekelela kwisimo-mpilo elidume umhlaba wonke lokungathandwa kwethu njengabantu abampisholo. Kungani iChina elifundile lingalahlekelwa ubuChina balo? Kanye neNgisi elifundile alilahlekelwa ubuNgisi balo. Yithina kuphela abantu bendlu emnyama abafunda babuye badedele okwabo. Izifundiswa ezimnyama emanyuvesi zithi kumele kube ne-Decolonization ezikhungweni zemfundo ephakeme. Igama elikhulu futhi elisematheni kulezi zinsuku. Konje yini uku-decolonizer ngesiZulu? Kunzima ukuphendula lombuzo ngoba izifundswa zethu ezimnyama azikukhathaleli ukuchaza izinto ngolimi abantu abalizwayo. Ngakho-ke, amagama esintu anaba ngalezingxoxo mpikiswano ebantwini ngolimi lwabo awekho.
Kunamampunge asabalele ngamandla okuthi ukufunda kangcono nokuhlakanipha ukukwazi ukukhuluma isiNgisi kahle. IsiNgisi esihle futhi esikhulu asichazi ukuthi uhlakaniphe kangcono. Kumele sishintshe indlela esicabanga ngayo. Siziqhenye ngobuthina nezilimi zethu.
Uku-decolonizer, abanye bakubiza ngenkipha bukoloni. Le nkipha bukoloni ichaza ukuthi njengabantu abamnyama kumele sizikhulule emakhamandeleni ezindlela zolwazi lwaseNtshonalanga. Singavumi ukuthi abaseNtshonalanga basihambele phambili ekulobeni ngesiko-mpilo lwethu. Ukuhanjelwa phambi njalo ngabaseNtshonalanga kufakazelwa indlela umlando wethu olotshwe ngayo. Kungani umlando wethu oqukethwe emanyuvesi ukhiqizwe solwazi abamhlophe abanye abaphesheya? Yihlazo lelo! Kucace bha ukuthi lezo zifundiswa ezimhlophe ngeke zilande kahle ngomlando wethu. Baphi abalobi nezifundiswa bakithi abazoloba ngathi, benathi? Uphi umlando wamaZulu obhalwe amaZulu? Kungaba ubuwula ukucabanga ukuthi ulwazi olukhiqizwe phesheya luyosiveza njengabantu abaphelele? Imfundo nomlando wethu kumele kube nobunkipha bukoloni. Imfundo enjalo imemezela ukuthi abantu abamnyama nabo bangabantu emhlabeni nezindlela zabo zinobuhlakani futhi ziphelele, azishodi ngalutho. Imfundo enjalo iyovela ngathi akekho omunye oyosilamulela njengabampisholo.
UKhanyile ufundisa e-Central University of Technology, Free State. Uke wafundisa nase-Wits University. Usaphothula izifundo zakhe zePhD e-Wits University.