MHLELI: Ukubuyisana phakathi kwezinhlangano zombusazwe kubalulekile ngoba ukungezwani kuvimba indlela eya phambili. UMntwana waKwaPhindangene, kade ayelishumayeli leli vangeli lokukhumelana umlotha. Yebo kona baningi abadlula ngezikhathi zodlame kwi-IFP ne-ANC kodwa kumele impilo iqhubeke kwabasele ukuze kugwenywe isimo singaphinde senzeke.
Owaba ngumengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, emhlanganweni wokuqala ephumile ejele wathi makube noxolo izikhali ziphonswe olwandle.
Abenhlangano yakhe bavuka umbhejazana kwathiwa ubulawa ukuguga. Kulapho uMadiba abona khona ukuthi abantu ababenobuntu engakagwetshwa babengasekho. Ababesekhaleni yibona futhi abaKwaZulu-Natal asebengabaholi namhlanje. Akusikho ukuthi uMadiba uze wahamba emhlabeni engasiboni isidingo kodwa ubengaphansi kwengcindezi .
Ukhombisile ngendlela abekhonze ngayo ubuholi bukaShenge ngokumbambisa isikhundla sokuba umengameli wezwe uma ephumile eNingizimu Afrika. Ayekwenza kwakungehli kahle kosomathuba be-ANC.
Wabamba elikhulu iqhaza ewuma emphinjeni umbuso wobadlululo; kukhona lapho owayengumengameli wombuso wobandlululo uMnuz P W Botha afuna ukuhlangana nabaholi abangawuthathanga uzimele geqe uMntwana wanqaba ukuya kulowo mhlangano. Wathi ngeke aye engakakhululwa uMadiba nayegqunywe nabo ejele kuphinde kubuye abasekudingisweni. Lokhu kwenzeke ngeminyaka yawo-1980. UBotha waze wathi uShenge uzenza inkunzi ekhonyayo kwezinye esibayeni.
Nango-1976 owabe eyimeya yaseSundumbili, eMandeni, uMnuz Gcaleka namakhansela angaphansi kwakhe bamnika inkululeko yaseMandeni, eSundumbili . UMntwana wathi ufuna inkululeko mhla amabhunu akhulula ababesemajele noMandela nabasekudingisweni. Wabuye wayichaza le nkulumo yakhe wathi ngeke abaholi bombuso wobandlululo bakhululeke; ngoba uma ucindezele umuntu umbambe ngobhongwane ngeke ube nethuba lokumdedela kube khona okuthathaya ngoba uzosala avuke. Waqhubeka wathi nemali echitheka emingceleni yezwe iyokongeka ngoba siyobe singasekho isidingo sokuvimba ababethathwa njengamaphekula avukela umbuso.
Kuyaxaka uma ebizwa ngomuntu owayehambisana nabacindezeli bamabhunu; bayalibala ukuthi waze waxoshwa eNyuvesi eFort Hare ngoba ezibandakanya ne-ANC. Kwakuthi uma kuxoshwa abantu noma abafuna umsebenzi kuthiwe hambani niyowufuna kuButhelezi.
Uwumuntu ongenanzondo. Ngesikhathi bejikela owayengumengameli uMnuz Thabo Mbeki enhlanganweni yakhe wabakhuza wathi benza iphutha ngoba ungumengameli wabo bonke njengoba ephethe uMbuso kodwa-ke abamlalenga; kunjani namhlanje ePhalamende? Mhla wathatha umhlalaphansi kuyoba yikwampunzi edla emini.
Ngakho-ke kuyoba ngelikhulu iphutha uma kufika isikhathi lapho uMntwana ewelela khona kwelizayo amaqiniso engakhulunyiwe. Sikhathele ngabantu abambuluzayo abancoma umuntu engasekho engasakwazi ukuzikhulumela.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE