MHLELI: Izigameko ezisanda kwenzeka mayelana nezingqumbi zikadoti ebeziqaqele imigwaqo yeTheku, ziveze ithuba lokuba Inkatha Freedom Party ibe yingxenye yabaqhamuke nesixazululo.
Ngesikhathi uMntwana uMangosuthu Buthelezi esewumengameli weNkatha ibiyaziwa njengeqembu lezombusazwe elingogxuma lihlale.
Belibalalela abantu liphume nezisombululo. Izinselelo ezibhekene nabasebenzi abathutha izibi (iiyayidinga Inkatha ngezindlela zonke. Inkatha iyingxenye yamaqembu aphikisayo eMkhandlwini weTheku. Yini evimba amakhansela eNkatha ekutheni ahlangane nalaba basebenzi ukuzwa uhlangothi lwabo? Kungani Inkatha yethemba ukuthi izoxazulula le nkinga ime le kude?
Inkatha yaziwa futhi siyethemba ukuthi isakholelwa ekuzisizeni nasekuzethembeni. Bekungaba yicala yini ukumema izakhamuzi nentsha ukuba ibambe iqhaza emkhankasweni wokukhuculula ukungcola eThekwini ngenkathi izinkinga zabasebenzi zisadingidwa? Umbusazwe uphathelene nokubasemandleni nokwenza iphimbo lakho lizwakale. Ubuholi beNkatha obuseThekwini akufanele bugxilise amehlo abo ezindabeni ezinkulu bese buthalalisa kulokho okuyizidingo zansuku zonke ezisezaleni layo. Inkatha ikwazile ukuphumelela nokubakhona yonke le minyaka nokwenza izigi zayo zizwakale ngenxa yokuphumelela ukukhombisa ukukhathalela abantu kakhulu, yaphinda yaba yiqembu lezombusazwe eliletha izixazululo.
Nkatha vuka emaqandeni uma ufuna ukuphatha uMkhandlu omkhulu njengwaseThekwini. Ithuba elakho Nkatha libambe ngezandla zombili ungalizibi.
Akekho ozokufunza leli thuba eliyingqayizivele.
Dimakatso Mokoena
ETHEKWINI