Imibono

Igqugquzela isikompilo lasekasi

Mpume Nzimande|Published

ABABHALI: Donald Mokgale no Ernest Nkomotje

ABASHICILELI: Tracey McDonald Publishing

UMA ngabe uyayazi enye yezingoma ezake zasangisa abantu abaningi eNingizimu Afrika, ngisho enenhlamba ethi Sister Bettina, uzoyiqondisisa ingqikithi yencwadi.

Kukhona itemu elidlisayo engomeni eyakhiqizwa nguMgaqrimbe ngo-2006, futhi yilona elenza iculo ukuthi lithandwe kakhulu elithi 'hibiri', elaqala ukusetshenziswa ngumculi.

Itemu elithi Hibirism lisuselwa kuleyo ngoma kaMgaqrimbe kepha liyinhlanganisela yezobuciko nokuthuthuka kwezindlela zokucikoza zanamhlanje.

Empeleni incwadi ihlaziya amatemu asetshennziswa emalokishini ngenhloso yokuqhakambisa ukuthuthuka kokusetshenziswa kolimi. Maningi amabizo abawacubungulayo okubalwa elisetshenziswa ematekisini elithi“ four four ”.