MHLELI: Ngiyakhuleka kunina beSilo. Ngizocela ukwethula isigqoko njengomholi wamabhinca ongacheme namculi. Ngihlale njalo ngibheka okuhle okwenziwa ngabaculi kanjalo nokuqhakambisa umoya wokuthula noxolo kubalandeli bomculo wakithi nothinta amasiko ethu, umaskandi.
Ngithi angincome ngibonge into enhle kakhulu, sibonile umculi kamaskandi, Igcokama Elisha Manqele, emela bonke abaculi bawo lo mculo eya KwaKhethomthandayo, KwaNongoma. Ubehambisana nobukhosi baseMdletsheni kanjalo noNgizwe Mchunu. Bafike bashiya enhle inkabi kade kugezwa amakhosi aKwaZulu.
Ngizothanda ukuthi kuwe Gcokama Elisha, lokhu okwenzile qhawe lakithi ubonise izwe lonke ukuthi ngampela uwumele umaskandi ngezithukuthuku zakho nangayo inkani yakho. Ngiyafisa umhlaba wonke kanjalo nohulumeni uqobo bakuhloniphe unikezwe indondo yeqiniso ezokwenzelwa wena nje uqobo.
Yonke impumelelo yakho ingeyeqiniso, kayinawo ugcobho wephunga lokukhohlakala, kodwa usebenzisa iqiniso lokwesekwa ngabalandeli bakho beqiniso. Yingakho izibusiso zehlela phezu kwakho. Le nto oyenzile iwuvala unyaka wonke, ukuyokhuleka ekhaya leSilo nenkabi sengathi abaculi bangabukela kuwe, ngiyathokoza.
Sizwe Ndlovu
KWAS’JULA