MHLELI: Sesithule kwaze kwedlulela singathi vu ngokufa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Kuyiqiniso ukuthi kukhona iqiniso elifihlwayo ngokufa kwakhe. Phela uma kuthiwa wadutshulelwa endlini, umbuzo uthi watholakala esedutshuliwe yini kuleyo ndlu?
Uma abulawa kukhona abantu kuleyo ndlu, pho kungani ababephakathi bengazange bambone umbulali?
Asikaze sizwe kushiwo ukuthi ababephakathi bathi kwaqala ngokuthi kucinywe ugesi ngaphambi kokuthi adubuleke.
Uma mhlawumbe beqinisile ukuthi umbulali kaSenzo abambonanga, lokho sekungasho ukuthi wazilimaza yena uqobo kodwa phela uma kunjalo, kwakufanele ukuthi isibhamu sitholakale eduze nesidumbu sakhe.
Amaphoyisa athatha izitatimende ngokufa kwakhe kunento eyodwa kwezimbili ayenza.
Kungaba wukuthi kukhona akufihlayo ngokuvikela othile noma kube ngukuthi eba imali yabakhokhintela ngokwehluleka ukubopha abantu abanolwazi ngokufa kukaSenzo.
Mina ngibona ukuthi akuphenywe onke amaphoyisa asake azimbandakanya nokuphenya leli cala ngoba kucace bha ukuthi kukhona okushaya amanzi ngaleli cala.
Sengigcina ngithanda ukusho ukuthi igazi lomuntu liyakhala phansi emhlabathini, bonke laba abafihla ubufakazi ngokufa kukaMeyiwa bazovela obala futhi kuyodumala umhlaba wonke.
Kunesisho seSiZulu esithi “akukho zinyane lemvubu eladliwa yizingwenya kwacweba iziziba”.
Mfu Alfred Zwane
Osizweni