MHLELI: Ngibona ithanda ukuba yinselelo indaba yokuqheliswa ezikhundleni kwabaholi be-ANC ababhekene namacala.
Inkinga enkulu engiyibonayo isekutheni basenalo igunya lokukhethelwa ezikhundleni yize kuthiwa baqhelisiwe. Kulezi zinsuku kusanda kukhethwa uNkk Zandile Gumede njengoSihlalo we-ANC eThekwini.
Muva nje uNkk Gumede simbone ehla enyuka esiza abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula. Uthe usiza umphakathi njengelungu lesiShayamthetho sesifundazwe, hhayi njengelungu le-ANC. Le nkulumo iqubula ukudideka nombuzo wokuthi kanti uqheliswe kuphi? Engani uyilungu lesiShayamthetho ngokumela i-ANC, manje kungani eqhubeka nokuvela emphakathini ngomsebenzi awunikwe yi-ANC ekubeni kube kuthiwa imqhelisile esikhundleni?
Sesiside isikhathi uNkk Gumede egqigqa enkantolo kungabonakali ukuthi icala lakhe liya kuphi. Nalokhu kubukeka kuyinselelo ngoba kwenza ukumiswa kwakhe kungabi nabulungiswa. Ngikusho lokhu ikakhulu ngoba umthetho uthi uba msulwa uma ungumsolwa kuze kuba inkantolo ikuthola unecala.
Kusafanele i-ANC iwufakele izibuko lo mthetho, icubungule ukuthi uyayisebenzela yini?
Dumisani Mthembu
KWADUKUZA