MHLELI: Kumele bashayelwe ihlombe abafundi besikole iDumisani Mahaye High School ngesifundo abasifundise umgulukudu wephara otholakale ophahleni lwesikole kade uzokweba. Ziphelile izikole wukugqekezelwa, kwebiwe izinsinzakufunda nokufundisa zebiwa yizona lezi zinswelaboya. Uhulumeni wenza ngamandla onke ukunikeza izikole ngamakhompuyutha, fax machines njalonjalo kodwa le migulukudu igqekeze maqede ishe indlulile. Lokhu kubuyisela izingane zabomdabu emuva, ikakhulukazi lokhu wumkhuba uvamise izikoleni ezisemalokishini nezisemakhaya.
Okube kubike yilokhu esizwa kuthiwa kwenziwa ngamaphoyisa, ngokufika maqede afuthe izingane ngesisi esikhalisa unyembezi. Kungagcini lapho, zidutshulwe ngezinhlamvu zenjoloba njengoba sizwa kuthiwa kukhona abagcine beyiswe ezibhedlela, phakathi kwabo abafundi nothisha. Kuyamangaza okwenziwe ezinganeni zithathiswa okwezidlova zophumasilwe. Kuyakhomba khona ukuthi kule mihla sekuthunyelwa amaphoyisa engekho obizwa ngo-section commander, okunguyena okhipha umyalelo ekubhekaneni nezimo ezifana nesase umisani Mahaye High.
Ngendlela ubugebengu bamaphara obudlange ngayo, kulona iphephandaba bekunodaba lobanjwe wugesi eyokweba amakhebula khona eThekwini. Komabonakude sizwe ngodaba lwezinswelaboya ezishiye kukhalwa e-Eldorado Park, ezikhwabanise amakhebula abiza imali efinyelela kwisigidi samsaRandi nento. Okwazo-ke kuxakile ngoba kuthiwa zifike zidubule ziqhumisa izibhamu ezibizwa ngama-automatic machine guns ukuze umphakathi usabe ukusondela. Kuyizinkomba lezi zokuthi ubugebengu abasakwazi ukubulawula abasemandleni ukuvikela umphakathi oyizisulu zezinswelaboya.
Okwenziwe ezinganenj zivikela ezidingongqangi zazo akwemukeleki. Simzwile nobekhulumela umkhakha wezokuxhumana emaphoyiseni esifundazweni ezama ukunabukelisa ubuhlathi obenziwe ngabalingani bakhe.
Siyanibonga bantwana, nisebenzile nenze engake ngakhuluma ngakho kuleli phephandaba lesizwe ukuthi owake waphatha amaphoyisa, uMnuz Steve Tswete wathi umguvela uma ungene ngewindi, ungawukhiphi ngomnyango wowukhipha ngalo lelo windi.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE