MHLELI: Ngithanda ukubongela iRichards Bay FC ngokudla ubhedu kwiNational First Division. Ukudlala kahle kweBay kukhombisa ukuthi iKwaZulu Natal inekhono elihle kakhulu kunobhutshuzwayo.
Uma ubhekisisa iKwaZulu- Natal ayipheli iminyaka emithathu engekho amaqembu angangenanga embangweni wokungena kwiDStv Premiership. Kuyinto okumele siziqhenye ngayo ukwanda kwamaqembu adlala kwiGlad Africa nakwi-DStv Premiership, phela lokhu kudala namathuba emisebenzi. kubuye kwehlise nezindleko zokuhamba kwamaqembu uma ehambela imidlalo.
Njengoba esemahlanu amaqembu aseKZN azodlala kule ligi enkulu lokho kuzokwenza kube lula ukuhambelana kwamaqembu alapha eKZN. Kuzobuye kwenze abadlali babe nesikhathi esanele sokuphumula. Sengathi uMasipala noma ababheke inkundla iRichards Bay/uMhlathuze bangayilungisa njengoba ibolile ngaphakathi(ezindlini) nasezihlalweni. Yize inkundla iyinhle isezingeni leFIFA kodwa indawo ehlala abalandeli nezindlu abadlali abashintshela kuzona kudinga ukulungiswa.
Asethembe izolungiswa inkundla ukuze abantu abakoRichards Bay/eMpangeni, eSikhaleni, Nseleni, Mzingazi, Madlanzini , Bhukhanana nakoDondotha bezoyibuka eduze imidlalo yasekhaya bangayi eThekwini. Sengathi nezimboni ezigcwele eRichards Bay/eMpangeni zingalixhasa iqembu, njengoba kwakwenza uBell usaxhase iThanda Royal Zulu.
Izimboni ezifana noMondi, Bell, Foskor, South32, RBM neRBCT kumele zilixhase iqembu ukuze lincintisane neziqhwaga zakwiDStv Premiership. Phela imali iklama indima enkulu ekubumbeni iqembu elibabayo. Lezi zimboni kumele zixhase iqembu njengendlela yokufaka isandla emphakathini.
Sibahle Ngobese
ENQUTHU