MHLELI: Ngithi ake ngisike nje kwelijikayo. Ngithanda ukubongela uhulumeni nabo bonke abafake isandla ukwenza uhlelo lweNational Health Insurance lube yimpumelelo.
Kudala siyindlu emnyama sikhala ngokungahlinzekwa ngosizo olufanele ezibhedlela nasemitholampilo.
Sekube yisikhathi eside sijikiswa emitholampilo ngenxa yokungabi bikho kwemishanguzo, ukushoda kodokotela nokungalutholi usizo ngesikhathi.
Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukufica olayini abade ezindaweni ezihlinzeka abantu ngosizo lwezempilo.
Okuhle kakhulu ngeNHI ukuthi ayibheki iholo lomuntu kodwa iyisiqinisekiso sokuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika uyanakekelwa ngokwezempilo, ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni ezihlwempu.
Yize ngikholelwa emsebenzini ongenziwa yiNHI kodwa angiqondi ukuthi luzosebenza kanjani ezindaweni zasemakhaya.
Sinenkinga yemitholampilo nezibhedlela ezisebenza ngendlela engaqondakali futhi eholwa abantu abangokhanda limtshela okwakhe.
Okunye engikuthakasela kakhulu ukuzwa ngedaba yokuthi kuzoshintsha indlela okulandwa ngayo imithi njengoba iziguli zijwayele ukuphoxeka kuthiwa azibuyele emuva zingayitholanga imishanguzo. Elinye iphuzu engilithande kakhulu wukulungiswa kwengqalasizinda ezibhedlela ezingabukeki kahle.
Ngithi angibongele uDkt Zweli Mkhize nethimba abesebenzisana nalo ngomsebenzi omuhle abawenzile ukuqinisekisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayanakekelwa ngokwezempilo.
I-NHI iyakhombisa ukuthi sisengawuthemba uhulumeni wethu.
Kudala siphathwa kabuhlungu ezindaweni lapho ebesithemba ukuthi sizosizakala khona. Ngiyathemba ukuthi sizohlomula sonke kumshwalense weNHI, kungabi ukuthi sekukhethwa iphela emasini.
Gugu Cele
EPort Shepstone