OKWENZEKA kwiDemocratic Alliance (DA) kumele kusijulise ngemicabango yezizathu nezinhloso zaleli qembu nokuthi lezo zinhloso zingaba namiphi imithelela kwipolitiki yaseNingizimu Afrika.
Kuyishwa ukuthi sibona ukukhishwa inyumbazane kuleli qembu koMmusi Maimane, Herman Mashaba, Zwakele Mncwango, Mbali Ntuli nabanye abaholi abamnyama njengethuba lokubabuza ngokubabhuqa sithi “benithi nenzani?” Ngeshwa sisehlulekile ngukubukisisa ngeso elinzulu okuyizinhloso zaleli qembu. Ngenkathi kahulumeni wobandlululo abamhlophe bakuleli babe neqhinga nohlelo olunezinhloso, phecelezi i-agenda. Umbuzo okumele sizibuze wona manje ngothi kulawa maqembu akhona ezepolitiki, yini inhloso yawo ngabantu abamnyama?
Kwehluke okwempumalanga nentshonalanga amasiko nezinkolelo zabantu abamnyama nabamhlophe nokwenza kube nzima kakhulu ukuthi lezi zinhlanga zingabona ngaso linye izinkinga ezibhekene nezwe futhi zibe nezixazululo ezifanayo.
Yingakho ngibona kungaba yiphutha elikhulu ukucabanga ukuthi iDA ingaba yikhambi ekuxazululweni kwezinkinga zabantu abamnyama.
Owayengumholi weDA, uMnuz Tony Leon, ukuvume esidlangalaleni ukuthi iDA isemkhankasweni wokuzivuselela emuva kokuhluleka kohlelo lokuvivinya ubuholi bosopolitiki abamnyama ekukhuliseni amandla eqembu ngaphandle kokuphambuka ezinhlosweni zayo.
Phela iDA yaqalwa ukuze ibe sophondweni lokuvikela ingcebo yedlanzana labamhlophe ngokunjalo nokuvikela umnotho wosomabhizinisi.
Inhloso yokubuyiswa kukaNkz Helen Zille ukuzolungisa okonakele kubukeka kukhipha leli qembu emgqigqweni wenhloso yalo.
Phela nguye uNkk Zille owaphathiswa yingqungquthela yaleli qembu ngo-2007 umsebenzi wokulikhulisa ngokuheha abaholi nabalandeli abamnyama.
Emuva kokuba iDA inhlanhlathiswe nguMaimane nokuphethe ngokuba ilahlekelwe ngabalandeli bayo abangumsinsi wokuzimilela okhethweni luka-2019, leli qembu seliphoqeke ukuthi likhiphe inyumbazane abaholi abamnyama ukuze liqhubeke nelaqalelwa kona.
Muva nje, iDA yethule umkhankaso wayo wokhetho lohulumeni basekhaya luka-2021 nosiqubulo sawo sithi “Sekuyisikhathi soshintsho”.
I-DA isemkhankasweni wokwakha amaqhinga namasu okuthatha ukubuswa kwaleli lizwe ezandleni zeqembu elibusayo. Lokho kungasho ukubuswa ngabamhlophe njengoba kwakwenzeka ngaphambi kwenkululeko.
Umehluko kuyoba wukuthi uhulumeni weDA uyobe uvotelwe nanguquqaba lwabantu abamnyama asebenengekile ngamanga osopolitiki, inkohlakalo, ubugovu, ubuvila nokulwisana ngaphakathi kwendlu emnyama.
Inselelo isikwi-ANC, njengomholi womphakathi nomphathi hahulumeni, ukuthi isheshise elayo uhlelo lokuzakha kabusha.
Bonke abaholi namalungu athinteka ekuqhwagweni kombuso, kwinkohlakalo nakumacala anzima kufanele bashenxe ezikhundleni ngokushesha futhi bamiswe ukuba yingxenye yezinhlaka nezinhlelo zenhlangano ukuze iqhubeke nokuba yiqembu elinenhloso yokuhola, ukuthuthukisa nokuhlomulisa abantu abamnyama kwezomnotho ngobuqotho nangenkuthalo.
Umsebenzi we-ANC ethenjiwe ukuqinisekisa ukuthi zonke izinhlaka zemiphakathi yaleli zwe zibumbene ukuze zifuqe inhloso yezwe ngaphandle kokubandlulula, ikakhulukazi izinhloso zomphakathi omnyama.
Kusuka ngo-1912 ukusebenza kwe-ANC kwakhelwe phezu kwezimiso ezintathu. Okokuqala; i-ANC yakhelwa ukukhulula uquqaba kuhulumeni wobandlululo bese ihola uhulumeni wentando yabantu. Okwesibili; i-ANC yayisebenza ngokulawulwa yimigomo nezimiso zentando yabantu okuhlanganisa ukusebenza ngokuvulelekile, ngokuhlanganyela, ngobunye nangokwethembana nemiphakathi. Okwesithathu; i-ANC ibilokhu ingumholi womzabalazo wenkululeko yesizwe sonkana njengoba manje isisophondweni lokuphathwa kwezwe.
Namanje i-ANC isamelwe yijoka lokuthi ihole umkhankaso wokufezekisa inhloso yabantu abamnyama.
Uma singakubhekile ngeso lokhozi ukusebenza kweDA, inkululeko yabamnyama izulelwa ngamanqe.
* UMnuz Thabani Khumalo, uwungoti kwezokuphatha nomhlaziyi wezepolitiki ozimele