Mhleli: Vele ngeke saya nganxanye singewona amanzi. Abanye abayizehluleki babona ugongolo esweni lomunye umuntu. Kunamaqembu aphethe omasipala lapho inkohlakalo inuka phu khona kodwa ubezwa bezishaya isifuba bethi abanankohlakalo. Mhleli kuyinto eyaziwayo ukuthi inkohlakalo yokuqasha ngetiye komasipala idla lubi, ngingasayiphathi-ke eyamathenda komasipala inukela ngisho uMvelinqangi ezulwini.
Into esiyikhulumayo siyi-Academic Congress Union (ACU) asiyisuseli emoyeni kodwa siyithatha kubantu baseNingizimu Afrika abamayikayika yiziqu zemfundo kodwa abangaqashiwe. Siyaziwa thina njenge-ACU ukuthi sithi abantu mabafunde ukuze bangabi namakhono nje kuphela kodwa babe yizingcithabuchopho nabacwaningi ukuze izwe lethu likhule libange namanye asethuthukile kwezomnotho.
UNkk Zandile Gumede (osesithombeni) simfanisa noMnuz Jacob Zuma thina siyi-ACU ngoba wasilalela uma sithi makube nemfundo yamahhala emanyuvesi ukuze kwande izifundiswa. Akaze asho ukuthi ningobani nina, nokuthi siyiqembu elincane elingelutho kule lizwe.
Thina kasiyibo omasina azibethele. Sababona nje abanye abase bengongqa phambili bethi yibona abaqhamuke nombono wemfundo yamahhala.
Namanje i-ACU inombono ewuqhuba buthule othi umengameli olandelayo makube ngumuntu oneziqu zeMasters noma iPhd ukuze kunciphe inkohlakalo. Thina uNkk Gumede simazi njengomuntu olalela noma ngubani ofika kuye elambile. Akasho ukuthi wena uyi-ACU noma uyiDA.
Akazikhukhumezi akafani nabanye abaholi abathi bangaba sezikhundleni bese behambela phezulu kuhle kwezindlulamithi. Sithi-ke siyi ACU siyakubongela ngokuthi i-ANC isikuyise esiShayamthetho saKwaZulu Natal. Ungafike-ke ube mkhulu lapho bese ukhohlwa ngabantu abahluphekayo. Usumkhulu manje umthwalo owuthwele, awusathwele owaseThekwini kuphela kodwa usuthwele umthwalo wezintandane zaKwaZulu Natal yonke.
Dkt Mzonjani Zulu
Umholi we-Academic Congress Union